1UJEHOSHAFATI inkosi yakwa Juda wa buyela endhlini yake eJerusalema, ngokutula.
2uJehu indodana ka Hanani umprofeti wa puma ukuhlangana naye, wa ti kuyo inkosi uJehoshafati, ku lungile ukuba u size ababi, u tande abazonda uJehova na? Ngakoke ulaka luka Jehova lu pezu kwako.
3Kodwa zi kona izinto ezilungileyo ezi tolwa kuwena, ngokuba wa wa susa amahlati ezweni, wa i lungisa nenhliziyo yako ukumfuna uTixo.
4uJehoshafati wa hlala eJerusalema; wa puma futi wa ya kubantu eBeresheba nasentabeni iEfraimi, wa ba buyisela kuJehova uTixo wa oyise babo.
5Wa misa abahluleli ezweni kuyo yonke imizi ebiyiweyo yakwa Juda, umuzi ngomuzi.
6Wa ti kubona, hlakanipani kwe ni kwenzayo; ngokuba ka nahluleli abantu kodwa, uJehova, o nani ekwahluleni.
7Manjeke ukwesaba uJehova ma ku be pezu kwenu; qondani ni kwenze; ngokuba a buko ububi kuJehova uTixo wetu, nokuketa abantu, nokwamkela izipo.
8Futi uJehoshafati wa misa eJerusalema amaLevi, nabapristi, nezinduna za oyise baka Israeli, uku mahlulela uJehova, na lapo ku xatyanywa, ekubuyeni kwabo eJerusalema.
9Wa ba yala, wa ti, Loku ni ya kukwenza ngokwesaba uJehova kahle, na ngenhliziyo e peleleyo.
10Noma ku letwa icala kinina kubafo wenu emizini yabo, legazi ngegazi, nomteto nezimemezelo, imiteto neminqamulo, ni ya kuba yala ukuba ba ngeduki nga kuJehova, ulaka lu fikele nina, nabazalwane benu; yenzani loku, ni ngeduki.
11Futi, bhekani, uAmaria induna yabapristi i pezu kwenu kuzo zonke izindaba zika Jehova; noZebadia indodana ka Ishmaeli, omkulu wendhlu ka Juda, a be ngapezu kwazo zonke izindaba zenkosi; namaLevi a be izinduna ngapambi kwenu. Yenzani ngesibindi, noJehova u ya kuba nabalungileyo.