1NGOMNYAKA wamashumi amatatu nesitupa wokubusa kuka Asa, uBasha inkosi yakwa Israeli, wa hlasela uJuda, waka iRama, ukuvimbela, bonke abapumayo naba ngenayo kuAsa inkosi ya kwa Juda.
2uAsa wa kipa isiliva negolide kuwo amagugu endhlu ka Jehova neyenkosi, wa li tumela kuBenhadadi inkosi ya seSiria, e ya i hlezi eDamaseku, e ti.
3Ku kona isivumelwano kuwena nami, njengaloku sa si kona kubaba na ku yihlo; bheka ngi ku tumele isiliva negolide; hamba, wapule isivumelwano sako noBasha inkosi ya kwa Israeli, ukuze a suke kimina.
4uBenhadadi wa m lalela uAsa inkosi, wa tumela izinduna zempi yake emizini ya kwa Israeli; za bulala iIjoni, neDani, neAbel-maimi, nayo yonke imizi yempahla yakwa Naftali.
5Kwa ti, e se ku zwile uBasha, wa yeka ekwakeni kwake iRama, nomsebenzi wake wa u yeka.
6uAsa inkosi wa ba tatake bonke aba kwa Juda; ba wa susa amatye aka iRama, nemiti a e laka ngayo uBasha; waka ngayo iGiba neMizpa.
7Ngalesosikati wa fika uHanani umprofeti kuAsa inkosi yakwa Juda, wa ti kuyena, ngokuba u tembile enkosini ya seSiria, u ngetembanga kuJehova uTixo wako, ngakoke isixuku senkosi ya seSiria si si punyukile isandhla sako.
8Ba be nge siso isixuku esikulu aba se Etiopia naba seLubimi na? be nezincwele nabamahashi abaningi na? noko ngokuba wetemba wena kuJehova, wa ba nika esandhleni sako.
9Ngokuba amehlo ka Jehova a zula emhlabeni wonke, ukubonakalisa amandhla kubo aba nhliziyo yabo i pelele nga kuyena. Ku lokuke u zenze isiula; manje ko ba kona ukulwa njalo.
10uAsa wa m tukutela umprofeti, wa m valela endhlini yezibotywa; ngokuba e m tukutelela lendaba, uAsa wa hlupa abanye abantu futi nga lesi sikati.
11Bheka, izenzo zika Asa zonke, zi lotyiwe encwadini yamakosi akwa Juda neIsraeli.
12uAsa wa ba nesifo ezinyaweni zake ngomnyaka wokubusa kwake wamashumi amatatu nesishiyagalombili, sanda kakulu isifo sake; noko a ka m funanga uJehova ekuguleni kwake, wetemba izinyanga zodwa.
13uAsa wa lala nokoko bake, wa fa ngomnyaka wokubusa kwake wamashumi amane nanye.
14Ba m mbela kwa wake amatuna, a e zenzele wona emzini ka Davida, ba m beka embedeni o wa u gcwele amaka a mnandi a lungiswe abenzi bemiti; ba menzela ukutyisa okukulu.