1USOLOMONA indodana ka Davida wa qiniswa embuseni wake, noJehova uTixo wake wa e naye, wa menza a be mkulu kakulu.
2uSolomona wa kulumake kubo bonke abakwaIsraeli, ezinduneni zezinkulungwane nezamakulu, na kubo abahluleli, na kuwo onke amakosi a kwaIsraeli, abakulu ba oyise.
3Ngako uSolomona nesixuku sonke si naye, ba kupukela endaweni epezulu e seGibeoni, ngokuba la li lapo itabanekele labantu baka Tixo, e lenziwa uMosi inceku ka Jehova ehlane.
4Kodwa umpongolo ka Tixo wa u tatiwe uDavida eKirjat-jearimi wa u yisa endaweni a e u lungisele wona; ngokuba wa u misela utente eJerusalema.
5Futi ilati letusi e lenziwa uBazalele indodana ka Uri, indodana ka Huri, wa li beka ngapambi kwetabanekele lika Jehova; noSolomona kanye nesixuku ba buza kulo.
6NoSolomona wa li kupukela ilati letusi ngapambi kuka Jehova, e la li setabanekele lesixuku, wenza imihlabelo e inkulungwane ngapezu kwalo.
7Ngalobobusuku uTixo wa zibonakalisa kuSolomona, wa ti kuyena, Cela e ngi nga ku nika kona.
8uSolomona wa ti kuTixo, u bonakalisile umusa omkulu kuDavida ubaba, nami u ngenzile ngi buse endaweni yake.
9Manjeke O Jehova Tixo, ma li miswe iqiniso lako kuDavida ubaba; ngokuba u ngi misile ngi be inkosi pezu kwabantu aba njengotuli lomhlabati ngobuningi.
10Ngi nikeke ukuqonda nokwazi, ukuba ngi pume ngi ngene kulaba bantu; ngokuba ubani o nga busa laba bantu bako, abaningi kangaka na?
11uTixo wa ti kuSolomona, Ngokuba loku kwa ku senhliziweni yako, u nga celanga ingcebo, nemfuyo, nodumo, nomoya wezita zako, u nga celanga futi ukupila okude; kodwa wa zi celela ukuqonda nokwazi, ukuba u buse abantu bami, e ngi ku misele bona;
12Ukuqonda nokwazi ku ya nikwa wena; nami ngo ku nika ingcebo, nemfuyo, nodumo, ngapezu kwawo onke amakosi o wa landelayo wena, na kubo bonke a ba ya kukulandela.
13uSolomona wa pumake endaweni e pezulu e seGibeoni wa ya eJerusalema, ngapambi kwetabanekele lesixuku, wa busa pezu kwabaIsraeli.
14uSolomona wa buta izincwele, nabamahashi; wa ba nezincwele ezi inkulungwane namakulu amane, nabamahashi be izinkulungwane ezi ishumi nambili, wa ba beka emizini yezincwele, na kuyo inkosi eJerusalema.
15Nenkosi yenza eJerusalema isiliva negolide la njengamatye ngobuningi, nemiti yesedare wa yenza njengesikamore e se semfundeni ngobuningi.
16uSolomona wa kipa amahashi Egipite, nendwangu; nabatengi benkosi ba i tenga indwangu ngenani.
17Ba kipa Egipite incwele ngamashekeli esiliva a ngamakulu a isitupa, nehashi ngekulu namashumi a isihlanu; ba kipelake onke amakosi amaHitti, amahashi, namakosi aseSiria, ngenxa yamandhla abo.