1LELIZWI li qinisile, lokuti, uma umuntu e fisa ukubekwa umbonisi, u ya nxanela umsebenzi omuhle.
2Ku fanele umbonisi a be ongasolekiyo, indoda e nomfazi munye, ebhekisisayo, eqondileyo, e hamba ngokufaneleyo, e pata kahle abapambukeleyo, efundisayo,
3E nga bi isidakwa, e nga bi uhlanya; e nga bi umfisi kepa emnene, e nga xabani, e nga nxaneli imali.
4E mela kahle indhlu yake, abantwana bake be m lalela, be nokuhlonipa kahle;
5(Ngokuba uma umuntu e ngazi ukumela eyake indhlu, a nga gcina kanjani ibandhla lika Tixo.)
6A nga bi e sandu kukolwa, funa a zikukumeze, ehlelwe ukulahlwa kuka Satani.
7Ku m fanele futi ukuba a tuswe aba ngapandhle, funa ehlelwe ukutukwa nesihibe sika Satani.
8Ku njaloke nezikonzi, ku zi fanele zi be abahlonipekayo, zi nge nakukuluma okubili, zi nga bi izidakwa, zi nga fisi imfuyo embi;
9Zi bambisise imfihlakalo yokukolwa ngenhliziyo emhlope.
10A zi lingwe kuqala, zandu kubekwa izikonzi, zi nge nansolo.
11Ku njalo nomkabo, ku ba fanele ba be abahlonipekayo, be nga bi abahlebayo, be ngabaqondayo, abakolekayo ngako konke.
12Izikonzi a zi be amadoda a nabafazi ngabanye, zi mela kahle abantwana bazo nezindhlu zazo.
13Ngokuba aba izikonzi ezi konzile kahle, ba zenzela ukuma okuhle, nesibindi esi kulu ekukolweni oku kuKristu Jesu.
14Ngi ku lobela loku, ngetemba ngo ze ngi fike kuwena masinyane,
15Kepa, uma ngi libele, ukuze wazi ukuhamba oku ku fanele endhlini ka Tixo, e ibandhla lika Tixo opilayo, e insika nesisekelo seqiniso.
16Ku vunyelwa ukuti, inkulu imfihlakalo yokukonza, uTixo wa bonakala ngenyama, wa dunyiswa uMoya, wa bonwa izingelosi, wa shunyayelwa ezizweni, wa koleka emhlabeni, wamkelwa pezulu ebukosini.