1KWA ku kona umuntu wa kwaBenjamini, igama lake la li ngu Kishi, indodana ka Abieli, ludodana ka Zerori, indodana ka Bekorati, indodana ka Afia, owa kwaBenjamini, iqawe elikulu.
2Wa e nendodana, igama layo la li nguSauli, e insizwa emuhle; kwa ku ngeko umuntu kwabakaIsraeli omuhle kunaye; wa e mude ku nabo bonke abantu ku suka emahlombe ku ya pezulu.
3Kwa lahleka izinjomane zika Kishi, uyise ka Sauli uKishi wa ti kuSauli, indodana yake, Tabata inceku u suke, u ye kufuna izimbongolo.
4Wa suka wa dhlulela ezintabeni za kwa Efraimi, wa dhlulela ezweni la seShalisa, kepa a ba zi fumananga, ba dhlulela ezweni la seShalimi, za zi nge ko kona, ba dhlulela ezweni la kwaBenjamini, ka ba zi tola.
5Ba fika ezweni la seZufi, uSauli wa ti encekwini yake e ya i naye, Woza, a si buye, funa ubaba a kohlwe izimbongolo, a be novalo ngati.
6Wa ti kuye, Bheka, u kona ku lomuzi umuntu ka Tixo, umuntu otusekayo, konke a ku tyoyo ku ya kwenzeka, a si ye kona, mhlaumbe u ya kusityela indhlela e nga si hamba ngayo.
7uSauli wa ti encekwini yake, Kepa, bheka, uma si ya kona, si ya kumnikani lomuntu? ngokuba ukudhla ku pelile ezityeni zetu, a i ko into e si ya kumnika yona umuntu ka Tixo; si nani na?
8Inceku ya pinda ya m pendula uSauli, ya ti, Bheka, ku kona lapa esandhleni sami okwesine kweshekeli lesiliva, ngi ya kumnika umuntu ka Tixo loku, ukuba a si tyele indhlela.
9Kuqala kwaIsraeli, nxa umuntu e ya kubuza kuTixo, wa e ti, Wo za a si ye kumboni; ngokuba lo o tiwa umprofeti namhla kuqala wa e ngumboni.
10uSauli wa ti encekwini, Lihle izwi lako; Wo za a si ye. Besuka ba ya emzini lapo wa e kona umuntu ka Tixo.
11Be sa kupuka eminangweni wokuya emzini, ba fumana amantombazana e ya kuka amanzi, ba ti kuwo, U kona umboni na?
12A ba pendula, a ti U kona; nangu pambi kwako; tyetyake; ngokuba u fikile namhla emzini, ngokuba u kona namhla umhlatyelo wabantu endaweni epakamileyo.
13Nxa ni ngenile emzini kona ni ya kumfumana, e nga ka kupukeli endaweni epakamileyo ukuya kudhla, ngokuba abantu a ba yi kudhla e nga ka fiki, ngokuba u yena o busisa umhlatyelo andu u ba ba dhle abamenyiweyo Kupukani kaloku, ngokuba ni ya kumfumana ngalesisikati.
14Ba kupukela emzini. Be sa ngena emzini, bheka, uSamueli wa e pumela kubo, ukuya kukupukela endaweni epakamileyo.
15uJehova wa e m tyelile uSamueli ngosuku olu ngapambili kokutika kwake, wa ti,
16Nga lesisikati ngomuso ngi ya kutuma kuwe umuntu wa sezweni la kwaBenjamini, u ya kumgcoba, a be inkosi yabantu bami abaIsraeli, u ya kusindisa abantu bami esandhleni samaFilisti; ngokuba ngi bonile abantu bami; ukukala kwabo ku fikile kimi.
17uSamueli wa bona uSauli, uJehova wa ti kuye, Nangu umuntu enga kuluma ngaye kuwe, nga ti, lo u ya kubusa abantu bami.
18uSauli wa sondela kuSamueli esangweni, wa ti, A ke u ngi tyele ukuba i pi indhlu yomboni.
19uSamueli wa m pendula uSauli, wa ti, Imina umboni hamba pambi kwami u ye endaweni epakamileyo, ni ya kudhla nami namhla ngi ya kukumukisa kusasa, ngi ku tyele konke oku senhliziyweni yako.
20Izimbongolo zako, e se zi nezinsuku ezintatu zi lahlekile, u nga katazi inhliziyo yako kuzo; ngokuba zi toliwe. Okukabani konke okutandekayo kuka Israeli? a si ko okwako nokwendhlu yonke ka yihlo?
21uSauli wa pendula wa ti, A ngi siye owa kwaBenjamini kwesincinyane kuzo zonke izizwe zika Israeli? nendhlu ya kwetu incinyane kuzo zonke, izindhlu zesizwe sika Benjamini? u kulumelani okunje kimi?
22uSamueli wa hamba noSauli nenceku yake, wa ba ngenisa endhlini yokudhla, wa ba nika indawo pambi kwabamenyiweyo, ku nga ti abamashumi amatatu.
23uSamueli wa ti kumpeki, Leta ukudhla e nga ku nika, e nga tyo kuwe ngako, nga ti, ku londoloze.
24Umpeki wa tabata umlenze nokwa ku pezu kwawo, wa ku beka pambi kuka Sauli; wa ti, Naku okuseleyo ku bekiwe pambi kwako, yidhla, ngokuba ku londolozelwe wena ku ze ku fike lesisikati, iloku nga ti, Ngi memile abantu. uSauli wa dhla no Samueli ngalolosuku.
25Behla endaweni epakamileyo, beza emzini, wa kuluma noSauli pezu kwendhlu.
26Ba vuka kusasa; kwa ti, se ku sa, uSamueli wa biza uSauli e pezu kwendhlu, wa ti, Suka, ngi ku mukise. uSauli wesuka, ba puma bobabili, yena noSamueli, ba ya esitalatini.
27Be sehlela ekugcineni komuzi, uSamueli wa ti kuSauli, Yityo encekwini yako ukuba i dhlulele pambili (ya dhlula,) kepa mana lapa isikati; ngi ya kukutyela izwi lika Tixo.