1UMPONGOLO ka Jehova wa u kona ezweni lamaFilisti izinyanga ezi isikombisa.
2AmaFilisti a biza abapristi nezanusi, a ti, Si ya kwenzani ngompongolo ka Jehova? Si tyeleni ukuba si nga u buyisela kanjani endaweni yawo.
3Ba ti, Uma ni buyisa umpongolo ka Tixo ka Israeli, ni nga u buyisi uze; kepa a no buyisela kuye umnikelo wecala; kona ni ya kusindiswa, ni ya kwaziswa ukuba isandhla sake si nga suswa kini ngani.
4Ba ti, U ya kuba yini umnikelo wecala e si nga u buyisela kuye? Ba ti, Amatumba a isihlanu egolide, namagundane a isihlanu egolide, njengokuma kwamakosi amaFilisti; ngokuba ku ukufa kunye pezu kwenu nonke na pezu kwamakosi enu.
5A no yenza imifanekiso yamatumba enu, nemifanekiso yamagundane enu a citayo izwe; a no bonga uTixo ka Israeli; mhlaumbe u ya kususa isandhla sake pezu kwenu, na pezu kotixo benu, na pezu kwezwe lenu.
6Ni ya kuzenzelani zi be lukuni izinhliziyo zenu, njengaloku abasEgipite noFaro benza izinhliziyo zabo za ba lukuni? lapo wenza izimangaliso pakati kwabo, a ba ba dedelanga ini, be muka?
7Tabatani kaloku inqola entya, ni i lungise, nezinkomazi ezimbili ezi ncelisayo, ezi nga bonanga zi botyelwa ngejokwe, ni zi bopele enqoleni ni suse izinkonyana zazo, ni zi shiye ekaya;
8Ni tabate umpongolo ka Jehova, ni u beke enqoleni, nemifanekiso yegolide, eni i buyisela kuye, i be umnikelo wecala, ni i fake empongolweni o sohlangotini lwayo, ni i tume, i hambe.
9Ni ya kubona, uma yenyuka ngendhlela ya sezweni lake ukuya eBetishemeshi, nguye o senzele lobububi obukulu; kepa uma i ngenyukeli kona, si ya kukwazi ukuti a siso isandhla sake esa si bulalayo; sehlelwe ingozi.
10Abantu benza njalo, ba tabata izinkomazi ezincelisayo, ba zi bopela enqoleni, ba zi valela izinkonyana zazo ekaya;
11Ba beka umpongolo ka Jehova enqoleni, nompongolo namagundane egolide, nemifanekiso yamatumba.
12Izinkomo za qonda za hamba ngendhlela e ya eBetishemeshi, za hamba ngomendo munye, zi hamba zi kala, zi nga pambukeli ngakwesokunene na ngakwesokohlo; amakosi amaFilisti a zi landela, a za a fika emkaulweni weBetishemeshi.
13Aba seBetishemeshi ba be vuna ukolweni esihlanjeni. Ba bheka, ba bona umpongolo, ba tokoza ukuwubona.
14Inqola ya ngena ensimini ka Joshua wa seBetishemeshi, yema kona lapo, la li kona itye elikulu; ba banda imiti yenqola, ba zi nikela izinkomo zi be umnikelo kuJehova.
15AbaLevi betula umpongolo ka Jehova, nompongolo owa u nawo, kuyo imifanekiso yegolide, ba ku beka pezu kwalelolitye elikulu; abantu ba seBetishemeshi ba nikela iminikelo yokutyiswa, ba hlaba imihlatyelo kuJehova ngalolosuku.
16Amakosi omahlanu amaFilisti a ku bona, a buyela eEkroni ngalolosuku.
17Lawa a amatumba egolide, amaFilisti a wa buyisayo a be umnikelo wecala kuJehova; elinye eleAshdodi, elinye eleGaza, elinye eleAshkeloni, elinye eleGati, elinye eleEkroni.
18Amagundane egolide a e njengokuma kwemizi yamaFilisti yamakosi omahlanu, imizi ebiyelweyo nemizana ya ngapandhle na kulo itye elikulu, lika Abeli, aba beka kulo umpongolo ka Jehova, li kona na namhla ensimini ka Joshua wa seBetishemeshi.
19Wa ba bulala aba seBetishemeshi ngokuba ba buka umpongolo ka Jehova, wa bulala abantu aba izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu namashumi a isikombisa; abantu ba kala ngokuba uJehova wa e bulele abantu ngokubulala okukulu.
20Abantu ba seBetishemeshi ba ti, ubani o ngema pambi kuka Jehova, loTixo ongcwele? u ya kwenyukela kubani, e suke kitina?
21Ba tuma izigijimi kubantu ba seKirjatjearimi, be ti, amaFilisti a buyisile umpongolo ka Jehova; yehlani, ni u kupulele kini.