1IZWI lika Samueli leza kubo bonke abaIsraeli ba puma ba ya kulwa namaFilisti, ba misa ngaseEbenezeri; amaFilisti a misa Afeki
2AmaFilisti a zihlela ukuya kuhlangana nabaIsraeli; ba lwa, abaIsraeli bahlulwa amaFilisti a ba bulala empini endhle abantu ku nga ti aba izinkulungwane ezine.
3Abantu ba ngena ekamu, amalunga a kwaIsraeli a ti, uJehova u si bulaleleni namhla pambi kwamaFilisti? Si ya kutabata umpongolo wesivumelwano, sika Jehova wemikosi eShilo si u lete lapa kiti, u ya kuza pakati kwetu, u si sindise esandhleni sezita zetu.
4Abantu ba tuma eShilo ba u tabata kona umpongolo wesivumelwano sika Jehova wemikosi, o hlezi kuwo amakerubi; amadodana amabili ka Eli, uHofni noFinehasi, a e kona nompongolo wesivumelwano sika Tixo.
5Kwa ti umpongolo wesivumelwano sika Jehova u sa fika ekamu, abaIsraeli bonke ba halalisa kakulu, kwa zamazama umhlaba.
6AmaFilisti ezwa umsindo wokuhalalisa, a ti, Ku tini umsindo wa lokukuhalalisa okukulu ekamu lamaHeberu? A bona ukuti umpongolo ka Jehova wa u fikile ekamu.
7AmaFilisti esaba, ngokuba a ti, uTixo u fikile ekamu. A ti, Nako kitina! ngokuba a ku bonanga ku be kona okunjalo ngapambili.
8Nako kitina! ubani o ya kusisindisa esandhleni salaba otixo aba namandhla? ilaba otixo aba bulala abasEgipte ngezifo zonke ehlane.
9Qinisani, ni be amadoda, nina maFilisti, ni nga konzi amaHeberu, njengaloku e ni konzile; a no ba amadoda, ni lwe.
10AmaFilisti a lwa, abaIsraeli bahlulwa, ba baleka bonke, ba ya kotente babo; ukubulawa kwa ku kulu kakulu, kwa wa kubaIsraeli abantu aba hamba pansi aba izinkulungwane ezimashumi matatu.
11Umpongolo ka Tixo wa tatyatwa, a fa amadodana amabili ka Eli, uHofni noFinehasi.
12Kwa puma umuntu wa kwa Benjamini empini, wa gijima wa ya eShilo ngalolosuku, izingubo zake zi dabukile, umhlabati u sekanda.
13Wa fika, bheka, uEli wa e hlezi esihlalweni ngasendhleleni, e linda; ngokuba inhliziyo yake ya i tutumela ngompongolo ka Tixo. Lowomuntu weza ukuba a bike emzini; umuzi wonke wa kala.
14uEli wezwa umsindo wokukala, wa ti, U tini lomsindo na? Lowomuntu wa tyetya wa ngena wa m tyela uEli.
15uEli wa e neminyaka emashumi ashiyagalolunye nashiyagalombili, amehlo ake a e mi, e nge nakubona.
16Lowomuntu wa ti kuEli, Ngi uye owa puma empini, nga baleka empini namhla. Wa ti, kunjani, mntanami?
17Isigijimi sa pendula sa ti abaIsraeli ba balekile pambi kwamaFilisti kwa ku kona ukubulawa okukulu ebantwini, namadodana ako omabili uHofni noFinehasi, se be file, nompongolo ka Tixo wa tatyatwa.
18Kwa ti, e sa kuluma ngompongolo ka Tixo, wa wa nyovane esihlalweni ngasesangweni, kwa puka intamo yake, wa fa; ngokuba wa e umuntu omdala enzima; wa e bahlulile abaIsraeli iminyaka emashumi mane.
19Umalokazana wake, umka Finehasi, wa e kulelwe, e se za kubeleta, e se zwile lezozindaba, ukuti umpongolo ka Tixo u tatyatiwe, nokuti u file uyise nomyeni wake, wa kotama wa beleta, ngokuba wa fikelwa innemba.
20Ngesikati sokufa kwake abafazi abemiyo naye ba ti, U ngesabi, ngokuba u zele indodana. Kepa ka pendulanga, ka bekanga inhliziyo yake.
21Wa qamba umntwana uIkabodi, e ti, Ubukosi bu tunjiwe kwaIsraeli ngokutatyatwa kompongolo ka Tixo na ngoyise nomyeni.
22Wa ti, Ubukosi bu tunjiwe kwaIsraeli, ngokuba umpongolo ka Tixo u tatyatiwe.