1UDAVIDA weuka lapo, wa balekela wa ya emhumeni wa seAdulamu; ba ku zwa abafo wabo nabo abendhlu ka yise, behlela kona kuye.
2Kwa butana kuye abantu bonke aba nabo, bonke aba be namacala, nabo bonke aba benhliziyo i hlupekayo; wa ba inkosi pezu kwabo; ba be kona naye kungati abantu abamakulu mane.
3uDavida wesuka lapo wa ya eMizpa la seMoabi, wa ti enkosini ya seMoabi, Ma beze obaba nomame ba hlale kuwe ngi ze ngazi ukuba uTixo u ya kwenzani kimi.
4Wa ba beka enkosini ya seMoabi, ba hlala nayo izinsuku zonke zokuhlala kuka Davida enqabeni.
5uGadi umprofeti wa ti kuDavida, U nga hlali enqabeni, hamba u ye ezweni la kwa Juda. Wesuka uDavida wa ya ehlatini la seHareti.
6uSauli wezwa ukuti uDavida u yaziwa nabantu aba be naye; uSauli wa e hlezi eGibea pansi komesheli entatyaneni, a pete umkonto wake, nezinceku zake zi mi naye.
7uSauli wa ti ezincekwini zake ezi naye, Yizwani, nina ba kwa Benjamini, Indodana ka Jese i ya kuninika, nina nonke amasimu nezivini, i nenze nina nonke ni be izinduna zezinkulungwane neziduna zamakulu,
8Ngokuba ni cebile ngami nina nonke, ka ko o ngi tyelayo ukuti indodana yami yenzile isivumelwano nendodana ka Jese, ka ko kini o ngi dabukelayo, no ngi tyelayo ukuti indodana yami i ngi vusele inceku yami ukuba i ngi hlomele njenga namhla?
9Wa pendula uDoegi wa kwa Edomi, owa e misiwe pezu kwezinceku zika Sauli, wa ti, Nga bona indodana ka Jese i za eNobi kuAhimeleki indodana ka Ahitubi.
10Wa m buzela kuJehova, wa m nika umpako, wa m nika nenkemba ka Golia umFilisti.
11Inkosi ya tuma ukubiza uAhimeleki umpristi indodana ka Ahitubi, nabo bonke abendhlu kayise, abapristi aba be seNobi beza bonke enkosini.
12uSauli wa ti, Yizwake, ndodana ka Ahitubi. Wa ti, Ngi lapa, nkosi yami.
13uSauli wa ti kuye, Ni cebeleni ngami, wena nendodana ka Jese; u i nikile ukudhla nenkemba; u i buzele kuTixo, ukuba i ngi vukele i ngi hlomele njenga namhla?
14uAhimeleki wa pendula inkosi wa ti, Ubani kuzo zonke izinceku zako otembekayo njengoDavida, umkwenyana wenkosi, o ku lalelayo notuswayo endhlini yako.
15Nga qala ini ngalolosuku ukumbuzela kuTixo? Qa; inkosi ma i nga beki icala encekwini yayo, na kuyo yonke indhlu kababa, ngokuba inceku yako be i ngazi luto kuleyondaba yonke, noluncane nolukulu.
16Inkosi ya ti, U ya kufa nokufa, Ahimeleki, wena nabo bonke abendhlu ka yihlo.
17Inkosi ya ti kuzo izigijimi ezi mi nayo, Sondelani ni bulale abapristi baka Jehova; ngokuba isandhla sabo si naye uDavida; na ngokuba bazi ukuti uDavida wa baleka, kepa a ba ngi tyelanga. Kepa izinceku zenkosi a zi vumanga ukwelula isandhla sazo ukuba zi bulale abapristi baka Jehova.
18Inkosi ya ti kuDoegi, Sondela wena, u bulale abapristi; uDoegi wa kwa Edomi wa sondela, wa behlela abapristi, wa bulala ngalolosuku abamashumi ashiyagalombili nesihlanu abambete iefodi lelineni.
19iNobi, umuzi wabapristi, wa li nqoba ngobukali benkemba, amadoda naba fazi, abantwana nabancelayo, nezinkabi nezimbongolo, nezimvu, wa zi bulala ngobukali benkemba.
20Omunye kumadodana ka Ahimeleki indodana ka Ahitubi, igama lake li nguAbiatari wa baleka, wa m landela uDavida.
21uAbiatari wa m tyela uDavida ukuti uSauli u bulele abapristi baka Jehova.
22uDavida wa ti kuAbiatari, Ngazi ngalolosuku, lapo uDoegi wa kwa Edomi wa e kona, ukuti u za kutyela uSauli; imina o bangela ukuba ba fe abantu bonke bendhlu ka yihlo.
23Hlala nami, u ngesabi; ngokuba o funa ukubulala mina, u funa ukubulala wena; kodwa u ya kugcinwa nxa u kona nami.