1AMALUNGA a pakati kwenu ngi ya wa yala; mina engi ilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupeko zika Kristu, nohlanganyela nawo ubukosi obu za kubonakaliswa;
2Yalusani umhlambi ka Tixo, opakati kwenu, ni u bonise, ku nga bi ngokucindezelwa, ku be ngesihle; ku nga bi ngenzuzo, embi, ku be ngenhliziyo elungileyo;
3Ku nga bi ngokungati ni busa amafa ka Tixo, kepa ni iziboniso kuwo umhlambi.
4E se bonakele umAlusi omkulu, ni ya kuzuza umqele wobukosi ongabuniyo.
5Ku njalo, nina batya, lalelani amalunga; yebo, nina nonke, a ni lalelane, nambate ukutobeka; ngokuba uTixo u ya vukela abazidhlayo, kepa u nomusa kwabatobekileyo.
6Ngako zitobiseni pansi kwesandhla esi namandhla sika Tixo, ukuba a ni pakamise ngesikati esifaneleyo;
7Ni beke kuye ukukatazeka konke kwenu; ngokuba u ya ni katalela.
8Qondani, ni linde; ngokuba uSatani o isita kini u ya hamba njengengonyama ebodhlayo, i funa e nga ba dhlayo;
9M pikeni ni qine ngokukolwa, nazi ukuti, abazalwane benu aba sezweni behlelwe iko lokukuhlupeka.
10Kepa uTixo womusa wonke, o si bizileyo ebukosini bake obupakade ngaye uKristu Jesu, se ni hlupeke isikatyana, a ni pelelise, a ni mise, a qinise a ni sekele.
11A ku be kuye udumo nobukosi ku ze ku be pakade. Ameni.
12Ngaye uSilvano, umzalwane otembekayo, ngokubona kwami, ngi lobile amazwana kinina, ngi luleka, ngi qinisa ngi ti, lo u umusa oqinisileyo ka Tixo, eni mi ngawo.
13Li ya konza kini ibandhla eli seBabulona, ela bizwa kanye nani; naye uMarko indodana yami.
14Bingelelanani ngokwanga kotando. Ukutula a ku be kinina nonke eni kuKristu Jesu, Ameni.