1KWA ti ngomnyaka wamakulu amane namashumi ashiyagalombili ngasemva kwesikati sokupuma kwabantwana ba Israeli, be puma Egipite, ngomnyaka wesine wokubusa kuka Solomona abaIsraeli, ngenyanga yokutiwa iZifi ukuti inyanga yesibili, wa qala ukwaka indhlu ka Jehova.
2Inkosi uSolomona wa yaka indhlu ka Jehova, ukusuka kwayo kwa ku ngamakubiti a ngamashumi a isitupa, ububanzi bayo ba bu amakubiti a ngamashumi amabili nobude bayo amakubiti a ngamashumi amatatu.
3Isango ngapambili kwetempeli lendhlu, ukusuka kwalo kwa ku ngamakubiti a ngamashumi amabili ngapambili kobubanzi bendhlu, amakubiti a ishumi ububanzi balo ngapambili kwendhlu.
4Wenzela indhlu izibuko zezinti ezibekiweyo.
5Nga sodongeni lwendhlu wa waka amagumbi azungezayo nga sodongeni lwendhlu kanye netempeli nodebire, wenza amagumbi azu ngezayo.
6Igumbi la senzansi ububanzi balo ba bu amakubiti a isihlanu, igumbi la ngapakati ububanzi balo ba bu amakubiti a isitupa, igumbi lesitatu ububanzi balo ba bu amakubiti a isikombisa; ngokuba ngapandhle kodonga lwendhlu wenza izisekelo ezizungezayo nga semacaleni onke, ukuze imityayo i nga ngeni ezindongeni zendhlu.
7Indhlu i sakiwa, yakiwa ngamatye a ngabaziwe a sematyeni, njalo kwa ku ngezwakali ukutyaya kwesando, nezembe, nezinsimbi ezinye zokusebenza ku leyondhlu, i sakiwa.
8Umnyango wendhlu o ngapakati wa u secaleni lendhlu lokunene, ba kupuka ngesikwelo esizungezayo ukuya endhlini e ngapakati nga segumbini elingapakati, ba ngena egumbini lesitatu.
9Kanjalo wa yaka lendhlu wa yi qeda, wa fulela indhlu namagumbi ngemiti namaplankwe esedare.
10Waka amagumbi nga semacaleni endhlu, ubukulu bawo amakubiti a isihlanu, a bambelela endhlini na pezu kwemiti yesedare.
11Izwi lika Jehova leza kuSolomona la ti;
12Lendhlu o yakayo, uma u ya kuhamba ngezimiso zami wenze imiteto yami, u gcine imiyalo yami yonke, u hambe ngayo; njalo ngi ya kukupata njengalo izwi lami enga li tyoyo kuDavida uyihlo.
13Ngi ya kuhlala pakati kwabantwana baka Israeli, a ngi yi kubashiya abantu bami, abaIsraeli.
14Kanjaloke uSolomona wa yaka lendhlu, wa yi qeda.
15Wa zaka izindonga zendhlu ngapakati ngamaplankwe esedare, kwa suka pansi endhlini nezindonga kwa sopahleni ngapezulu waka ngemiti wa gandaya pansi endhlini ngamaplankwe efire.
16Waka amakubiti a ngamashumi amabili nga secaleni lendhlu la semva na sezindongeni ngamaplankwe esedare waka kona ngapakati ku be udebire, yona indawo e yingcwele.
17Indhlu, ukuti itempeli ngapambili, kwa ku ngamakubiti a ngamashumi amane.
18Isedare endhlini pakati la feketiswa izinqumbi, nembali eqakazileyo, konke kwa ku isedare, a ku bonakalanga natye kona.
19Udebire wa m lungisa endhlini pakati, ukuba ku bekwe kona umpongolo wesivumelwano ka Jehova.
20Udebire ngapambili ubude bake ba bu ngamakubiti a ngamashumi amabili ngamakubiti a ngamashumi amabili ngobubanzi, ukusuka kwake kwa ku amakubiti a ngamashumi amabili wa m nameka ngegolide elihle; wa nameka ilati lesedare.
21Njalo uSolomona wa yi nameka indhlu ngapakati ngegolide elihle wa honqa ngapambi kuka debire ngamaketanga egolide.
22Indhlu yonke wa yi nameka ngegolide, wa za wa yi qeda indhlu yonke, nalo lonke ilati ela li kona kudebire, wa li nameka ngegolide.
23Pakati kuka debire wenza amakerube amabili ngemiti yomnquma, ku ilelo li nobude ukuti amakubiti a ishumi.
24Ipiko li linye lekerubi la li ngamakubiti a isihlanu, nelinye ipiko la li ngamakubiti a isihlanu; kwa sesihlokweni sepiko elinye kwa za kwa ba esihlokweni selinye ipiko, kwa ku ngamakubiti a ishumi.
25Ikerubi elinye nalo la li ngamakubite a ishumi, amakerubi a lingene nje, a te tuxa.
26Ubude balo ikerubi la linye ba bu amakubiti a ishumi, nalo elinye la li njalo futi.
27Wa wa beka amakerubi endhlini ngapakati a luleka amapiko amakerubi, kwa ti ipiko lelinye la fika odongeni, nalo ipiko lekerubi elinye la fika odongeni olunye, amapiko awo a hlangana pakati endhlini.
28Wa wa nameka amakerubi ngegolide.
29Wa feketisa izindonga zendhlu yonke ngezitombe ezibaziweyo zamakerubi, nemiti yesundu, nembali eqakazileyo, pakati na ngapandhle.
30Wa nameka pansi indhlu ngegolide, ngapakati na ngapandhle.
31Emnyango ka debire wa zenza izicaba zemiti yomnquma; ikotamo nezinsika za zi o kwesihlanu.
32Izicaba ezimbili futi za zi imiti yomnquma; wa zi feketisa ngamakerubi abaziweyo, nemiti yesundu, nembali eqakazileyo, wa ku nameka ngegolide, wa nameka namakerubi, nemiti yesundu ngegolide.
33Njalo wenza emnyango wetempeli, izinsika zemiti zomnquma, okwesine odongeni.
34Izicaba zombili za zi imiti yefire; izicaba zombili za songwa kabili.
35Wa zi feketisa ngamakerubi, nemiti yesundu, nembali eqakazileyo, wa ku nameka ngegolide, lapo kwa bazwa kona.
36Waka isihonqa sa ngapakati izindwendwe ezintatu zamatye abaziweyo, nodwendwe lwemityayo yesedare.
37Izisekelo za miswa ngomnyaka wesine, ngenyanga yokuti iZifi;
38Ngomnyaka weshumi nanye, ngenyanga okutiwa Buli, (ukuti inyanga yesishiyagalombili) indhlu ya qedwa, ngako konke okwayo, na sekudabuleni konke. Njalo wa yaka ngeminyaka e isikombisa.