1YENA o kolwayo ukuti uJesu uye uKristu, u zelwe uTixo; o m tandayo o zeleyo, u ya m tanda nozelweyo uye.
2Si yazi nga loku ukuti, si ya tanda abantwana baka Tixo, nxa si m tanda uTixo, si gcine imiyalo yake.
3Ngokuba loku ku utando luka Tixo, ukugcina imiyalo yake; imiyalo yake ka i nzima;
4Ngokuba konke oku zelwe uTixo ku ya nqoba izwe; loku inqobo e nqoba izwe, ukukolwa kwetu.
5Ubani o nqobayo izwe, uma e nge siye o kolwayo ukuti, uJesu u iNdodana ka Tixo?
6Lo uyena oweza ngamanzi na ngegazi, uJesu Kristu a kezanga ngamanzi odwa, weza ngamanzi na ngegazi; ku uMoya o qinisayo, ngokuba uMoya u iqiniso.
7-8Ngokuba ku kona okutatu okuqinisayo, uMoya namanzi, negazi; loku okutatu ku hlangene.
9Uma si vuma ukuqinisa kwabantu, ukuqinisa kuka Tixo ku kulu ku nako; ngokuba loku ku ukuqinisa kuka Tixo, a ku qinisayo ngeNdodana yake.
10O kolwayo iNdodana ka Tixo u nofakazi pakati kwake; o nga kolwayo uTixo u m enzile o namanga, ngokuba e nga kolwanga ukuqinisa, a ku qinisayo uTixo ngeNdodana yake.
11Loku ku ukuqinisa, ukuti, uTixo u si pile ukupila okupakade; lokukupila ku seNdodaneni yake.
12O nayo iNdodana u nokupila; o nge nayo iNdodana ka Tixo, ka nako ukupila.
13Lezizinto ngi zi lobile kinina ni ze nazi ukuti, ni nokupila okupakade, nina eni kolwayo igama leNdodana ka Tixo.
14Leli li itemba esi nalo kuye, lokuti, nxa si cela into ngokwentando yake, u ya si zwa.
15Uma sazi ukuti, u ya si zwa, si yazi si ya kuzuza loku esi ku celayo kuye, noma si celani.
16Uma umuntu e m bona umzalwane wake enza isono, esi nge siso sokufa, u ya kucela, kona u ya kumnika ukupila, labo abenzayo isono esi nge nakufa. Si kona isono esi nokufa; a ngi tyo ukuti u ya kusikulekela sona.
17Konke okungalungile ku isono; ku kona isono esi nge nakufa.
18Si yazi ukuti o zelwe uTixo a koni; kepa o zelwe uTixo u ya zilondoloza, a nga m pati omubi.
19Si yazi si ngabaka Tixo tina, kepa izwe lonke li mi ebubini.
20Si yazi iNdodana ka Tixo i fikile, i si nikile ukuqonda si ze si m azi oqinisileyo; si kuye oqinisileyo, kuyo iNdodana yake uJesu Kristu. Lo u uTixo oqinisileyo nokupila okupakade.
21Bantwana, zilondolozeni ezitombeni. Ameni.