1BANTWANA bami, ngi ya ni lobela lezizinto, ukuze ni ngoni. Kepa uma umuntu ona, si nommeli kuYise, uJesu Kristu olungileyo.
2Yena u isihlaulo ngezono zetu; a ngi tyo ezetu zodwa, ngi tyo nezezwe lonke.
3Si yazi ngaloku ukuti si ya m azi yena, uma si gcina imiyalo yake.
4Yena o tyoyo ukuti, Ngi ya m azi, kepa ka i gcini imiyalo yake, u namanga, iqiniso a li ko kuye.
5Kodwa o li gcinayo izwi lake, utando luka Tixo lu pelele kuyena impela. Ngaloku si yazi ukuti, si kuye.
6Yena o tyoyo ukuti, u hlala kuye, nga e hamba njengaloku wa hamba yena.
7Batandekayo, a ngi ni lobeli umyalo omutya, kodwa umyalo omdala, ena ni nawo ekuqaleni. Umyalo omdala u izwi ena li zwayo ekuqaleni.
8Kepa, ngi ya ni lobela umyalo omutya, oku iqiniso kuyena na kinina; ngokuba ubumnyama bu sa dhlula, ukukanya oku isiminya se ku kanya.
9Yena o tyoyo ukuti, u sekukanyeni, nxa e zonda umzalwane wake, u se sebumnyameni na kaloku.
10O tandayo umzalwane wake u hlala ekukanyeni; a si ko isikubekiso kuye.
11Kodwa o zondayo umzalwane wake, u sebumnyameni, u ya hamba ebumnyameni, a kazi lapa e ya kona, ngokuba ubumnyama bu wa pumputekisa amehlo ake.
12Ngi ya ni lobela bantwana, ngokuba ni tetelelwe izono zenu ngegama lake.
13Ngi ya ni lobela, boyise ngokuba ni ya m azi yena owa e kona ekuqaleni. Ngi ya ni lobela nina, zinsizwa, ngokuba ni m ahlulile owonakeleyo. Ngi ni lobele nina, bantwana, ngokuba ni m azi uYise.
14Ngi ni lobele nina, boyise, ngokuba ni m azi yena owo e kona ekuqaleni. Ngi ni lobele nina, zinsizwa, ngokuba ni namandhla, izwi lika Tixo li hlala kinina, ni m ahlulile owonakeleyo.
15Ni nga li tandi izwe, nezinto ezi sezweni. Uma umuntu e tanda izwe, utando luka Tixo a lu ko kuye.
16Ngokuba konke okusezweni, inkanuko yenyama, nenkanuko yamehlo, nokuzidhla ngokubusa, a ku veli kuYise, ku vela ezweni.
17Kepa izwe li ya dhlula, nenkanuko yalo; Kodwa o yenzayo intando ka Tixo, u ya kuhlala ku ze ku be pakade.
18Bantwana, ku isikati sokupela; njengaloku nezwa ku tiwa, umpikuKristu u yeza, na kaloku se be kona opikuKristu abaningi; nga loku si yazi ukuti, ku isikati sokupela.
19Ba puma kitina, kepa ba be nge sibo abakiti; ngokuba uma ba be ngabakiti, nga be hlala nati; kepa ba puma ukuze ba bonakaliswe ukuti, a sibo abakiti bonke.
20Kodwa nina ni nokugcotywa oku vela kuyena o ingcwele, ni yazi izinto zonke.
21A ngi ni lobele ngokuba ni nga lazi iqiniso; ngi ni lobele ngokuba ni lazi, na ngokuba a ku veli eqinisweni amanga nakanye.
22Ubani o namanga, uma e nge siye o pikayo, e ti uJesu a ka siye uKristu. Lowo u umpikuKristu opikayo uYise neNdodana.
23O pikayo iNdodana ka naye uYise; kepa o vumayo iNdodana u naye uYise.
24Loko ena ku zwayo ekuqaleni a ku hlale kinina. Uma ku hlala kini loku ena ku zwayo ekuqaleni, ni ya kuhlala kuyo iNdodana na kuye uYise.
25Iloku okwetenjiswayo, a setembisa kona, ukupila okupakade.
26Ngi ni lobele lezizinto ngabanedusayo.
27Kodwa ukugcotywa ena kwamkelayo kuye, ku hlala kini; a ni swele ukuba ni fundiswe umuntu: kepa njengokuba loko ukugcotywa ku ni fundisa ngezinto zonke, ku iqiniso, a ku kohlisi, njengokuba ku ni fundisile, hlalani njalo kuye:
28Na kaloku, bantwana, a ni hlale kuye; ukuze, nxa e bonakala, si me isibindi, si nga jabi ekufikeni kwake.
29Uma nazi ukuti, u lungile yena, ni yazi ukuti, bonke abenzayo ukulunga ba zelwe uye.