1NGALOKU ena ngi lobela ngako; Kuhle kumuntu ukuba a nga pati umfazi;
2Kepa ngenxa yokuhlobonga, a ku be ilowo a be nomkake, nowesifazana a be nendoda yake.
3Indoda a i nike umfazi okuifaneleyo; njalo nomfazi a i nike indoda.
4Umfazi ka namandhla ngokomzimba wake, kodwa indoda; njalo nendoda a i namandhla ngokomzimba wayo kodwa umfazi.
5Ni nga godhlelani, kupela ku be isikati ngokuvumelana; ukuze ni be netuba lokuzila ukudhla nokukuleka, ni buye ni hlangane, funa uSatani a ni linge ngokungazibambi kwenu.
6Ngi tyo loku ngokuvunyelwa a ngi tyo ngokuyalwa.
7Ngokwami se nga ti abantu bonke ba be njengami; kodwa ilowo wabelwa uTixo okwake, omunye ukuti, omunye ukuti.
8Ngi ti kwaba nga ganile, na kubafelokazi, kuhle kubona ukuba ba hlalise okwami.
9Kepa uma be nge nakuzibamba, ma ba gane; ngokuba kuhle ukugana ku nokutya.
10Abaganileyo ngi ba yala, kepa a si mina, ku iNkosi, ngi ti, Umfazi ka ngemuki endodeni;
11Kodwa uma e muka, ka hlale e nga gani, nokuba a buyisane nendoda; nendoda i nga m lahli umkayo.
12Kepa kwabanye ngi tyo mina, a siyo iNkosi, ngi ti, Uma umzalwane e nomfazi ongakolwayo e tanda ukuhlala naye, a nga m lahli.
13Nomfazi o nendoda engakolwayo, uma i tanda ukuhlala naye, a nga i lahli.
14Ngokuba indoda engakolwayo yenziwa i be ngcwele ngomfazi; nomfazi ongakolwayo wenziwa a be ngcwele ngendoda; uma ku nge njalo abantwana benu ba ngcolile, kepa se be ngcwele.
15Kepa uma ongakolwayo e muka a kemuke; umzalwane, nokuba o wesilisa, nokuba o wesifazana, ka botyiwe ngokunjalo; uTixo u si bizile si be nokutula.
16Ngokuba wazi kanjani, wena mfazi, ukuba u nge i sindise indoda yako na? Nawe, ndoda, wazi kanjani, ukuba u nge m sindise umkako na?
17Kepa a ku be ilowo a hambe njengokuba iNkosi i mabele, njengokuba uTixo e m bizile. Ngi yala njalo emabandhleni onke.
18Uma ku biziwe osokileyo, ka nga bi ongasokile, uma ku biziwe ongasokile, ka nga soki.
19Ukusoka a ku luto, nokungasoki a ku luto, kodwa ukugcina imiyalo ka Tixo.
20A ku be ilowo a hlale ngokubizwa a bizwa ngako.
21Nxa u biziwe u isigqili, u nga ku naki; kodwa uma u nga kululwa, keta loko.
22Ngokuba o bizelwe eNkosini e isigqili, u ngokululekileyo weNkosi; njalo nobiziwe e kululekile, u isigqili sika Kristu.
23Ni tengiwe ngentengo, ni nga bi izigqili zabantu.
24Bazalwane, a ku be ilowo a hlale kuTixo ngaloko a bizwa ngako.
25Kepa ngezintombi a ngi namyalo weNkosi, kodwa ngi ya luleka njengopiwe umusa iNkosi wokukoleka.
26Ngakoke ngi ti, kuhle loku ngenxa yokuhlupeka oku se kona; kuhle kumuntu a be njalo.
27Nxa u botyiwe kumfazi, u nga funi ukukululeka; nxa u kululekile kumfazi, u nga funi umfazi.
28Kepa uma u ganwa, a koni; noma intombi i gana, ka yoni. Kodwa abanjalo ba ya kuba nosizi enyameni; kepa ngi ya ni haukela.
29Ngi tyo loku kodwa, bazalwane, loku isikati si futyane, se ku fanele, ukuba aba nabafazi ba be njengokuba be nge nabo;
30Abakalayo ba be njengokuba be nga kali; abajabulayo ba be njengokuba be nga jabuli; abatengayo ba be njengokuba be nga fuyi;
31Abapatayo lelizwe ba be njengokuba be nga li patisisi; ngokuba ukuma kwa lelizwe ku ya dhlula.
32Kepa ngi tanda ukuba ni nga bi nakukatazeka. Ongaganiwe u katalela okweNkosi, ukuba a nga tokozisa kanjani iNkosi;
33Kepa oganiweyo u katalela okwezwe, ukuba a nga tokozisa kanjani umkake.
34Wahlukene umfazi nentombi. Ongaganile u katalela okweNkosi ukuba a be ngcwele ngomzimba na ngomoya; kepa oganileyo u katalela okwezwe, ukuba a nga i tokozisa kanjani indoda yake.
35Ngi tyo loku ku be kuhle kini, a ngi tyo ukuba ngi ni gaxe ngentambo; kepa ukuba ni hambe ngokufaneleyo, ni bambelele eNkosini, ni nga bi nakukatazeka.
36Kepa uma umuntu e ti wenza okungafanele entombini yake, i si kulile, uma nga kwenziwa loku, a kenze a ku tandayo, a koni; ma ba gane.
37Kodwa omiyo e qinile enhliziyweni, e nga cindezelwa ngaluto, e namandhla pezu kwentando yake, e nqumile loku enhliziyweni yake ukuti, u za kugcina intombi yake, wenza kahle.
38Njalo owendisayo wenza kahle, kepa ongendisiyo wenza kahle ku nalowo.
39Umfazi u botyiwe ngomteto, i se kona indoda yake; kepa uma indoda yake i si file, u kululekile, a ngenda kwamtandayo, kupela eNkosini.
40Kepa u ya kuba nenhlanhla enkulu, ngokubona kwami, uma e hlala nje; futi, ngi ti ngi nomoya ka Tixo.