1NGOKUTELELA abangcwele, njengaloku nga yala amabandhla a seGalatia, yenzani njalo nani.
2Ngosuku lokuqala lwesonto, a ku be lowo wa kini a zibekele njengokubusiswa kwake, ku nga bi ukutela nxa ngi fikayo.
3Ekufikeni kwami, labo eni ya kuba keta, ngi ya kubatuma nezincwadi ukuyisa izipo zenu eJerusalema.
4Uma ku fanele ukuba ngi hambe nami, ba nga hamba kanye nami.
5Ngi ya kuza lapo se ngi dhlulile eMakedonia; ngokuba ngi ya kudhlula eMakedonia.
6Ingabe ngi ya kuhlala, mhlaumbe ngi bu qede ubusika kini, ni ze ni ngi pelekezele ekuhambeni kwami lapo ngi ya kuya kona.
7A ngi nakunibona manje ekudhluleni kwami; kepa ngi yetemba ngo ze ngi hlale nani isikati, uma ku vuma iNkosi.
8Kodwa ngi ya kuhlala eEfesu ku ze ku fike ipentekoste.
9Ngokuba ngi vulelwe umnyango omkulu o nomsebenzi, baningi abapikayo.
10Kepa uma ku fika uTimote, bhekani, ni m mise isibindi; ngokuba u ya sebenza umsebenzi weNkosi njengami.
11Ngako a ku nga biko omdelayo; kodwa ni m pelekezele kahle, eze kimi; ngokuba ngi m bhekile yena kanye nabazalwane.
12uApolo umzalwane wetu nga m nxusa kakulu ukuba eze kini kanye nabazalwane; kepa u be nga tandi na kancane ukuza ngalesisikati; kodwa u ya kuza nxa e netuba.
13Lindani ni me, ni qinile ekukolweni, a no ba amadoda, ni be namandhla.
14Konke eni kwenzayo, a kwenziwe ngotando.
15Ngi ya ni nxusa, bazalwane (ni yazi indhlu ka Stefana ukuti, i ngabokuqala ba seAkaya, ba zimise ukuba ba konze abangcwele),
16Ukuba ni zihlele pansi kwabanjalo, nabo bonke abasebenzayo kanye nati; be kutele.
17Ngi jabule ngokufika kuka Stefana, noFortunatu, noAkaiku; ngokuba ba ku feza loku e be ni ku silele.
18Ba u tulisile umoya wami nowenu; ngako ba pateni kahle abanjalo.
19Amabandhla a seAsia a ya konza kini. oAkwila noPrisila ba konza kakulu kini eNkosini, kanye nebandhla la kwabo.
20Abazalwane bonke ba konza kini. Bingelelanani ngokwangana oku ingcwele.
21Ukubingelela kwami, mina Paule, ngesandhla sami.
22Uma ku kona o nga i tandiyo iNkosi yetu uJesu Kristu, a ka be Anathema Maranatha!
23Umusa weNkosi yetu uJesu Kristu a u be kinina.
24Utando lwami a lu be kini nonke ngoJesu Kristu. Ameni.