1LANDANI utando, ni nxanele izipiwo zika Moya; kakulu ukuba ni profete.
2Ngokuba o kuluma ngolimi olungaziwayo ka kulumi kubantu, u kuluma kuTixo, ngokuba ku nge ko o muzwayo noko emoyeni u ya kuluma imifihlakalo.
3Kepa oprofetayo u kuluma kubantu ukwaka, nokululeka, nokwenamisa.
4O kuluma ngolimi olungaziwayo u ya zakela yena; kepa oprofetayo wakela ibandhla.
5Ngi tanda ukuba ni kulume ngezilimi nonke, kepa kakulu ukuba ni profete; ngokuba omkulu oprofetayo ku naye o kuluma ngezilimi, uma e nga kumushi, ukuze ibandhla lakelwe.
6Kepa, bazalwane, uma ngi za kini, ngi kuluma ngezilimi, ngi ya kunisiza ngani, uma ngi nga kulumi kinina ngokwambula, na ngokwazi, na ngokuprofeta, na ngokufundisa?
7Nezinto ezi nge zwayo ezikalayo noma ku ugubu, noma ku umtyingo, uma zi ngahlukani ngokukala, ku ngaziwa kanjani okubetwayo ngogubu na ngomtyingo na?
8Uma itilongo li kala ngezwi elingaqondiyo ubani o ya kuhlomela ukulwa na?
9Njalo nani uma ni nga kulumi ngolimi, izwi eliqondileyo, ku ngaziwa kanjani okukulunywayo na? loku ni ya kukuluma emoyeni nje.
10Ku kona, ku nga ti, izilimi ezingaka emhlabeni, kepa a lu ko kuzo olu ngenakuzwiwa.
11Ngakoke uma ngi nga kwazi okukulunywayo, ngi ya kuba owezizwe kokulumayo; nokulumayo u ya kuba owezizwe kimi.
12Njalo nani, loku ni nxanela izipiwo zika Moya, lingani ukuba ni vame, ukuze kwakelwe ibandhla.
13Ngakoke okulumayo ngolimi olungaziwayo, a ka kuleke ukuze a kumushe.
14Ngokuba uma ngi kuleka ngolimi olungaziwayo, ku kuleka umoya wami, kepa ukwazi kwami a ku nakutela.
15Se ku tini na? Ngi ya kukuleka ngomoya, ngi kuleke na ngokwazi; ngi ya kuhlabelela ngomoya, ngi hlabelele na ngokwazi futi.
16Uma ku nge njalo, nxa u bonga ngomoya, ongafundileyo a nga tyo kanjani ukuti, Ameni, ekubongeni kwako? Loku e ngazi okuk tyoyo.
17U bonga kahle wena, kepa lowo a kakelwa.
18Ngi ya m bonga uTixo, ngi kuluma ngezilimi ku nani nonke.
19Kepa ebandhleni ngi tanda ukuba ngi kulume amazwi amahlanu ngokwazi kwami, ukuze ngi fundise abanye, ku namazwi a izinkulungwane ezi ishumi ngolimi olungaziwayo.
20Bazalwane, ni nga bi izingane ngokwazi; kepa ngokubi a ni be izingane; ngokwazi a ni be amadoda.
21Ku lotyiwe emtetweni ukuti, Ngabantu bezinye izilimi nezinye izindebe ngi ya kukuluma ku lesisizwe; kepa, noma ku njalo, a ba yi ku ngi zwa; i tyo iNkosi.
22Njalo izilimi zi isibonakaliso kwabangakolwayo, a siso kwabakolwayo; kepa ukuprofeta ku ya ngokwabakolwayo, ku nga yi ngokwabangakolwayo.
23Ngakoke uma ibandhla lonke li butene ndawonye, bonke be kuluma ngezilimi, ku ngene abangafundile nabangakolwayo, a ba yi kuti, ni ya hlanya na?
24Kodwa uma bonke ba profeta, ku ngene ongakolwayo noma ongafundileyo, u ya qiniswa ibo bonke, u ya lahlwa ibo bonke.
25Imfihlakalo yenhliziyo yake i ya bonakaliswa; njalo e wa ngobuso, u ya kumdumisa uTixo, a vume, a ti, impela uTixo u kona pakati kwenu.
26Ku njani bazalwane? uma ni butanayo nonke, ilowo u nesihlabelelo, u nesifundiso, u nolimi, u nokwambula, u nesikumsho. Konke a kwenzelwe ukwaka.
27Uma e kuluma umuntu ngolimi, a ku be ababili, nokuba batatu, kupela be landelana; a ku kunyushwe.
28Kepa uma ku nge ko okumshayo, a ka tule ebandhleni; a zikulumele yena noTixo.
29Abaprofeti a ba kulume ababili, nokuba abatatu, abanye ba qonde.
30Uma kwambulwa uto komunye ohleziyo, ka tule owokuqala.
31Ngokuba ni nga profeta nonke ngabanye, ukuze ba funde bonke, ba lulekwe bonke.
32Imimoya yabaprofeti i ya tobela abaprofeti.
33Ngokuba uTixo a siye owesipitipiti, kepa owokutula, njenga kuwo onke amabandhla abangcwele.
34Abesifazana benu a ba tule emabandhleni; a ku vunyelwa ukuba ba kulume; kepa nga be tobeka, njengokutyo komteto.
35Uma be tanda ukuzwa uto, a ba buze emadodeni abo emakaya; ngokuba ku amahloni kwabesifazana ukukuluma ebandhleni.
36Izwi lika Tixo la vela kini na? la fika kinina nodwa na?
37Uma umuntu e ti u ngumprofeti, nokuba u ngoka Moya, a ka vume ukuti, loku engi ni lobele kona, ku imitete yeNkosi.
38Uma umuntu e ngazi, a ka ngazi.
39Ngakoke, bazalwane, nxanelani ukuprofeta, ni nga nqabeli ukukuluma ngezilimi.
40A kwenziwe kahle konke, ku hlelwe.