1A NGI tandi, bazalwane, ukuba ni nga bi nakwazi ngezipiwo zomoya.
2Ni yazi ukuti, na ni nga bezizwe, ni holekele kuzo izitombe, ezi izitulu, njengokuholwa kwenu.
3Ngako ngi ya ni kumbuza ukuti, akuko muntu, o kuluma ngoMoya, o ti, uJesu u ya tukeka; futi akuko muntu o nga tyo ukuti, uJesu u iNkosi kupela ngaye uMoya o ingcwele.
4Ku kona izipiwo ngezipiwo, kepa uMoya munye.
5Ku kona izinkonzo ngezinkonzo, kepa inye iNkosi.
6Ku kona imisebenzi ngemisebenzi, kepa u nguTixo munye o sebenza konke kubo bonke.
7Kepa ilowo na lowo u piwa isibonakaliso sika Moya, ukuze ku be okokusiza.
8Ngokuba omunye u piwa ngoMoya izwi lokuhlakanipa; omunye izwi lokwazi ngaye uMoya lowo;
9Omunye ukukolwa ngaye uMoya lowo; omunye izipiwo zokwelapa ngaye uMoya lowo;
10Omunye imisebenzi yamandhla; omunye ukuprofeta; omunye ukuqondisisa omoya; omunye izilimi ngezilimi; omunye ukuzikumusha izilimi.
11Kepa konke loku ku setyenzwa uyena lowoMoya munye, e babela abanye ngabanye njengokutanda kwake.
12Ngokuba njengomzimba u munye, u namalungu amaningi, amalungu onke omzimba nokuba e maningi a ngumzimba munye; u njalo naye uKristu.
13Ngokuba ngoMoya munye tina sonke si bapatizwe si be umzimba munye, noma si ngamaJuda, noma si ngamaGreki, noma si izigqili, noma si ngabakululekileyo, tina sonke si puzile kuye uMoya munye.
14Umzimba a silo ilungu linye, kodwa maningi.
15Uma unyawo lu ti, Loku ngi nge siso isandhla, a ngi siko okomzimba; ngaloko a siko okomzimba na?
16Noma indhlebe i ti, Loku ngi nge silo iso, a ngi siko okomzimba; ngaloko a siko okomzimba na?
17Uma umzimba wonke u iso, ko zwiwa ngani na? Uma wonke u indhlebe ko nukwa ngani na?
18Kepa uTixo wa misa amalungu, ileli, na leli emzimbeni, njengokutanda kwake.
19Uma onke a ilungu linye, upi umzimba na?
20Kepa amalungu maningi, umzimba munye.
21Iso li nge tyo esandhleni ukuti, A ngi ku dingi: nekanda li nge tyo ezinyaweni ukuti, A ngi ni dingi.
22Ca, kakulu lamalungu omzimba, a nga ti a butakataka, a dingeka.
23Na lamalungu omzimba, esi ti a delekile, iwona si wa nakekela kakulu; amalungu etu a delelekile a nobuhle obukulu;
24Ngokuba amalungu etu amahle a wa dingi luto; kepa uTixo u hlele umzimba u hlangane wodwa, wenza ku nakekelwe kakulu lezozindawo ezidingayo;
25Ukuba ku nga bi ko ukwahlukana emzimbeni, kepa amalungu a gcinane.
26Uma ku hlupeka ilungu linye, a hlupeka amalungu onke kanye nalo; uma ku tuswa ilungu linye, a tuswa amalungu onke kanye nalo.
27Kepa nina ni ngumzimba ka Kristu, ni ngamalungu ngabanye.
28uTixo u misile laba ebandhleni; kuqala abapostoli; okwesibili abaprofeti; okwesitatu abafundisi; emva kwaloko izimangaliso; kona izipiwo zokwelapa, nokusiza, nokubusa, nezilimi ngezilimi.
29Bonke ba ngabapostoli na? Bonke ba ngabaprofeti na? Bonke abafundisi na? Bonke ba ngabenza izimangaliso na?
30Bonke ba nezipiwo zokwelapa na? Bonke ba kuluma ngezilimi na? Bonke ba ya kumusha na?
31Nxanelelani izipiwo ezikulu; kepangi ni bonisa indhlela enhle kakulu.