1AMADODANA ka Juda; uFarezi, uHezroni, uKarmi, uHure, uShobali.
2uReala indodana ka Shobali wa zala uJahati; uJahati wa zala uAhumai, noLahadi. Laba ba izindhlu zika Zorati.
3Laba a baka yise ka Etamu; uJezreli, uIshma, uIdbasha igama lika dade wabo la li uHazelelponi;
4uPenueli uyise ka Gedori, noEzeri uyise ka Husha. Laba amadodana ka Hure, izibulo lika Efrata, uyise ka Betelahemu.
5uAshuri uyise ka Tekoa wa e nabafazi ababili, uHela, noNara.
6uNara wa m zalela uAhuzamu, uHefa, Temeni, uHahashtari. Laba ba amadodana ka Nara.
7Amadodana ka Hela kwa ku uZereti, noJezoa, noEtnani.
8uKozi wa zala uAnubi, noZobeba, nemizi ka Ahaheli indodana ka Harume.
9uJabezi wa babazeka kunabafo wabo; unina wa biza igama lake uJabezi, e ti, ngokuba nga m zala ngi hlupeka.
10uJabezi wa kuleka kuTixo ka Israeli, e ti, sengati u nga ngi busisa ngezibusiso, u kulise izwe lami, nesandhla sako si be nami, u ngi gcine ebubini, bu nga leti uhlupo kimi! uTixo wa m nika a ku celayo.
11uKelube umfo wabo ka Shua wa zala uMeha, o wa e uyise ka Eshtoni.
12uEshtoni wa zala uBetirafa, uPasea, uTehina uyise ka Inahashi. Laba ba amadoda ka Reka.
13Amadodana ka Kenazi; uOtnieli, uSeraia; namadodana ka Otnieli; uHatati.
14uMeonotai wa zala uOfra; uSeraia wa zala uJoabi, uyise wemfunda yase Karashimu; ngoba ba be izinyanga zokubaza.
15Namadodana ka Kalebi indodana ka Jefuna; uIru, uEla, noNami; namadodana ka Ela, noKenazi.
16Namadodana ka Jehaleli; uZifi, noZifa, uTiria, noAsareli.
17Namadodana ka Ezra kwa ku uJetro, noMeredi, noEfera, noJaloni; wa zala uMiriamu, noShamai, noIshba uyise ka Eshtemoa.
18Umkake uJehudija wa zala uJarede uyise ka Gedori, noHeberu uyise kaSoko, noJekutieli uyise ka Zanoa. Lawa amadodana ka Bitia indodakazi ka Faro e ya tatwa Meredi.
19Namadodana omkake uHodia udade wabo ka Nahamu, uyise ka Keila umGami, noEshtemoa umMaakati.
20Namadodana ka Shimoni kwa ku Amnoni, noRina, uBen-hanani noTiloni. Namadodana ka Ishi, kwa ku, uZoheti, noBen-zoheti.
21Amadodana ka Shela indodana ka Juda kwa ku uEri uyise ka Leka, noLada uyise ka Maresha, nemizi yendhlu yabo a be luka ilineni eli colekileyo, bendhlu ka Ashbea.
22uJokimu, namadoda ka Kozeba, uJoashi, uSarafi, aba be nombuso eMoabi, uJashubilehemu. Loku kwa ku dala kodwa.
23Laba ba be ababumbi, na labo aba be hlala pakati kwezilimo nenzintango; be hlala kona nenkosi emsebenzini wayo.
24Amadodana ka Simeoni kwa ku uNemueli, uJamini uJaribi, uZeza noShauli;
25uShaluma indodana yake, uMibesamu indodana yake, uMishema indodana yake.
26Amadodana ka Mishema; uHamueli indodana yake, uZaka indodana yake, uShimei indodana yake.
27uShimei wa e namadodana a ishumi nesitupa namadodakazi a isitupa; kodwa abafo wabo be nge nabo abantwana abaningi, nemizi yabo yonke a yandanga, njenga kubantwana baka Juda.
28Ba hlala eBeresheba, eMolada, eHazarshuali,
29eBilha, eEzema, eToladi,
30eBetule, eHorma na seZiklagi,
31eBetmakaboti, neHezarsusa, eBetibirei, eSharaimi. Le ya i imizi yabo kwa ze kwa busa uDavida.
32Nemizana yabo kwa ku, iEtamu, iAini, iRimmoni, iTosheni, iAshani, imizi e isihlanu;
33Nayo yonke imizana yabo e ya zungeza nga kuyo lemizi, ku ze ku be eBali. Lezi izindawo zabo zokuhlala nezizukulwana zabo.
34uMeshobabi, uJamleki, uJoshua indodana ka Amazia,
35uJoeli, noJehu indodana ka Josibia, indodana ka Seraia, indodana ka Asieli,
36uElioenai, uJakoba, uJeshohaia, uAsaia, uAdieli, uJesimieli, uBenaia,
37uZiza indodana ka Shifi, indodana ka Aloni, indodana ka Jedaia, indodana ka Shimri, indodana ka Shemaia;
38Laba aba bizwa ngamagama abo ba be amakosana emizini ya kubo; indhlu ya oyise yanda kakulu.
39Ba ya ngasekungeneni eGedore, kwa za kwa ba secaleni la sempumalanga lemfunda, be funa idhlelo lemihlambi yabo yezimvu.
40Ba fumana idhlelo elihle, elilungileyo nezwe li banzi, li tule, ngokuhle; ngoba abaka Hamu ba hlala kona endulo.
41Laba ababaliwe ngamagama ba fika ezinsukwini zika Hezekia inkosi ya kwa Juda, ba tyaya amatente abo nabafunyanwa kona, ba ba bulala nya ngalolosuku, ba se be hlala ezindhlini zabo ku ze ku be namhla; ngokuba kwa ku kona idhlelo lemihlambi yabo.
42Abanye babo, amadodana ka Simeoni, amadoda a amakulu a isihlanu, a ya entabeni iSira, be nezinduna zabo uPelatia, uNearia, uRefaia, uUzieli, amadodana ka Ishi.
43Ba tyaya abaseleyo kumaAmaleki aba be sindile, ba hlala kona ku ze ku be namhla.