1UDAVIDA wa buta onke amakosana a kwa Israeli, amakosana ezizwe, amakosana ezigaba, e za konza inkosi, nezinduna zezinkulungwane, nezamakulu, nababonisi bemfuyo yonke, nabezinkomo zenkosi, nezamadodana ayo, kanye nabakulu, namaqawe, nabo bonke abantu aba namandhla eJerusalema.
2uDavida inkosi wema ngezinyawo zake, wa ti, ngi zweni bazalwane bami, nabantu bami, be ku senhliziyweni yami ukwakela, umpongolo wesivumelwano ka Jehova indhlu yokuhlala neyesenabelo sika Tixo wetu, nga lungisela ukwaka.
3uTixo wa ti kimi a u yi kulakela igama lami indhlu, ngokuba kade u umuntu wokulwa u cita igazi.
4uJehova uTixo ka Israeli wa ngi keta endhlini yonke ka baba ngi be inkosi pezu kwabaIsraeli ku ze ku be pakade; ngokuba u ketile uJuda a be umbusi; endhlini ka Juda, indhlu ka baba napakati kwamadodana ka baba wa ngi tanda wa ngenza inkosi pezu ku ka Israeli wonke.
5Kuwo onke amadodana ami (loku uJehova e ngi pile amadodana amaningi) u ketile uSolomona indodana yami ukuhlala esihlalweni sobukosi sombuso ka Jehova pezu kuka Israeli.
6Wa ti kimi, uSolomona indodana yako, u yena o ya ku kwaka indhlu yami, namabala ami, ngokuba ngi m ketile a be indodana yami, mina ngi za kuba uyise.
7Ngi ya kuqinisa umbuso wake ku ze ku be pakade, uma e qinile ukwenza imiyalo yami, nokwahlula, kwami njenga namhla.
8Kalokuke, emehlweni ka Israeli wonke, inhlangano ka Jehova na sezindhlebeni zika Tixo wetu gcinani ni fune imiyalo yonke ka Jehova uTixo wenu, ukuze ni li fuye izwe elihle ni li shiye emva kwenu li be ifa labantwana benu ku ze ku be pakade.
9Wena, Solomona indodana yami, azi uTixo ka yihlo, u m konze ngenhliziyo e peleleyo, nangompefumlo o vumayo; ngokuba uJehova u hlolisisa izinhliziyo zonke, wazi izizindhlo zonke zemicabango; uma u m funa u ya kumfumana; uma u m dela u ya kukulahla u ngunapakade.
10Hlakanipake ngokuba uJehova u ku ketile ukwaka indhlu i be indawo e ngcwele; qinake u kwenze.
11uDavida wa nika uSolomona indodana yake, umfanekiso, wesango nowezindhlu zalo, nowezindhlu zemfuyo zalo, nowezipezulu, nowezipakati, nowendhlu yesihlalo somusa.
12Nomfanekiso wako konke inhliziyo yake e ya i ku cabanga ngamabala endhlu ka Tixo na ngezindhlu zonke inxa zonke nangezindhlu zemfuyo yendhlu ka Tixo, nangezemfuyo yokwahlukanisiweyo;
13Na ngezigaba zabapristi, nezabaLevi, na ngomsebenzi wonke wenkonzo yendhlu ka Jehova, na ngezitya zonke zenkonzo zendhlu ka Jehova.
14Wa nikela isilinganiso segolide lezinto zonke zegolide zenkonzo yonke, na ngezinto zonke zesiliva ngesilinganiso, ngezinto zonke zenkonzo yonke.
15Isilinganiso sezinti zezibani zegolide, nezibani zazo zegolide, njengesilinganiso sezinti zonke nezibani zazo, nezinti zesiliva ngesilinganiso soti, nezibani zalo, njengomsebenzi wezinti zonke zezibani.
16Negolide ngesilinganiso lamatebula ezinkwa zokubhekelwa, amatebula onke; nesiliva lamatebula esiliva.
17Negolide elihle lezimfoloko, namaboli, nezindebe; nezitya zonke zegolide ngesilinganiso na ngezitya zonke zesiliva, wa nika isiliva ngesilinganiso.
18Nomfanekiso welati lempepo, igolide elihle ngesilinganiso, nomfanekiso wenqola amakerubi egolide elulile amapiko awo a sibekela umpongolo wesivumelwano sika Jehova.
19Konke loku u ngi fundisile ngokuloba ngesandhla sika Jehova pezu kwami imisebenzi yonke ya lomfanekiso.
20uDavida wa ti kuSolomona indodana yake, qina u be nesibindi, u kwenze; u ngesabi u nga peli amandhla, ngokuba uJehova uTixo, uTixo wami u ya kuba nawe; a ka yi kunqamuka kuwe, a ku shiye; u ze u pele umsebenzi wonke wenkonzo yendhlu ka Jehova.
21Bhekake izigaba zabapristi nezabaLevi zo ba nawe enkonzweni yonke yendhlu ka Tixo; nabantu bonke abahlakanipileyo abavumayo ba ya kuba nawe emisebenzini yonke yenkonzo; namakosi, nabantu bonke ba ya kuba sezindabeni zonke zako.