1NGEZAHLUKANISO zabalindiminyango; KumaKori kwa ku uMeshelemia indodana ka Kore o wamadodana ka Asafa.
2Amadodana ka Meshelemia, izibulo uZekaria, owesibili uJediale, owesitatu uZebadia, owesine uJatnieli,
3E yesihlanu uElami, e yesitupa uJehohanani, e yesikombisa uElioenai.
4uObedi-edomi wa e namadodana, e yamazibulo uShemaia e yesibili uJehozabada, e yesitatu uJoa, e yesine uSakari, e yesihlanu uNetaneli.
5E yesitupa uAmieli, e yesikombisa uIsakari, e yesishiyagalombili uPeuletai; uTixo wa m busisa.
6NoShemaia, indodana yake wa zala amadodana a e busa endhlini ka yise, ngokuba a be abantu aba namandhla, amaqawe.
7Amadodana ka Shemaia; Otni noRefaeli, noObedi noElizabadi abafo wabo ba be amadoda a namandhla uElihu, noSemakia.
8Bonke laba kumadodana ka Obedi-edomi; bona namadodana abo nabafo wabo, ba be abantu abaqinileyo a ba namandhla enkonzweni, ba be amashumi a isitupa nambili baka Obedi-edomu.
9uMeshelemia wa be namadodana, nabafo wabo abantu aba qinileyo, ishumi nashiyagalombili.
10uHosa waba kwa Merari wa be namadodana, uSimri omkulu, (noko wa e ngesiye owamazibulo, nokuba uyise a menza mkulu;)
11uHilkia owesibili, uTebalia owesitatu, uZekaria owesine; amadodana onke nabafo wabo baka Hosa ba be ishumi nantatu.
12Pakati kwa lezi zahlukaniso zabalindiminyango ezinhlokweni zabantu kwa ku kona ukulinda njengabazalwana babo, nokukonza endhlini ka Tixo.
13Benza inkato abancinyane njengabakulu njengendhlu ya oyise, emasangweni onke.
14Inkato ya sempumalanga ya dhla uShelemia. Ku njalo uZekaria indodana yake, ilunga eli hlakanipileyo, benza inkato; yena wa dhliwa e ya senyakato.
15E ya seningizimu ya dhla uObedi-edomu namadodana ake ukulinda indhlu yempahla.
16uShupime noHosa ba dhliwa inkato ya sentyonalanga, esangweni uShalehete nga sendhleleni yokwenyuka, ukulinda ku bekelene;
17Ngasempumalanga ba be kona aba Levi aba isitupa ngasenyakato be bane ilanga li linye, ngaseningizimu be bane ilanga li linye; na ngasendhlini yempahla ba ba babili ngababili.
18Nga seParba entyonalanga, ba ba bane endhleleni yokwenyuka, eParba ba ba babili.
19Lezi zi izigaba zabalindiminyango kumadodana ka Kore na kumadodana ka Merari.
20NakubaLevi, uAhija wa e pezu kwempahla yendhlu ka Jehova, na pezu kwemfuyo yokwahlukanisiweyo.
21Amadodana ka Ladani; oku amadodana endhlu ngoGershoni aba kwa Ladani aba izinhloko zezindhlu za oyise ka Ladani umGershoni, uJehieli,
22Amadodana ka Jehieli; uZetamu, noJoeli umfo wabo ba be pezu kwempahla yendhlu ka Jehova.
23KumaAmramu, amaIzari, amaHebroni namaUzieli;
24uShebueli indodana ka Gershoni, indodana ka Mosi wa e umbusi wemfuyo.
25Nabazalwana bake ngoEliezari; uRehabia indodana yake, uJeshaia indodana yake, uJoramu indodana yake, uZikri indodana yake, noShelomite indodana yake.
26uShelomite lowo, nabafo wabo ba be pezu kwemfuyo yokwahlukanisiweyo e ya yahlukaniswe uDavida inkosi, nezikulu za oyise nezinduna zezinkulungwane, nezamakulu nezempi.
27O kwempango nokokulwa kwahlukaniselwa ukulungisa indhlu ka Tixo.
28Konke o kwahlukaniswa uSamueli umprofeti, noSauli indodana ka Kishi, noAbneri indodana ka Neri, noJoabi indodana ka Zeruia, konke okwahlukaniswayo kwa ba pansi kuka Shelomite nabazalwana bake.
29KumaIzari, uKenania namadodana ake wa be pezu komsebenzi wa pandhle kwa Israeli, ba be izinduna nabahluli.
30KumaHebroni uHashabia nabazalwana bake abantu aba amaqawe, inkulungwane namakulu a isikombisa ba be izinduna za kwa Israeli nganeno kweJordani nga sentyonalanga, emsebenzini wonke ka Jehova na senkonzweni yenkosi.
31KumaHebroni uJerija wa ye omkulu kumaHebroni, njengezizukulwana za oyise. Ba funwa, ngomnyaka wamashumi amane wokubusa kuka Davida kwa ti kwa funyanwa pakati kwabo abantu aba namandhla, amaqawe eJaza lase Giladi.
32Abazalwana amaqawe ezinkulungwaneni ezimbili namakulu a isikombisa izikulu za oyise bezindhlu uDavida wa ba misa pezu kwamaRubeni, namaGadi nenxenye yesizwe sika Manasa, ngomsebenzi wonke ka Tixo nendaba yenkosi.