1LABA abeza kuDavida eZiklagi, e sa valelwe ngenxa ka Sauli indodana ka Kishi; Ba be pakati kwamaqawe, be abasizi empini.
2Be hlomile imicibityelo be namandhla ukupata ngezandhla zombili e sokunene nesokohlo, amatye nezinti zomcibityelo, kubazalwane baka Sauli wa seBenjamini.
3Emkulu uAhieza noJoashi amadodana ka Shema umGibeati, noJezrieli, noPelete amadodana ka Azmaveti noBeraka, noJehu, umAntoti.
4NoIsmaya umGibeoni iqawe pakati kwaba amashumi amatatu, e pezu kwaba amashumi amatatu, noJeremia noJahazieli noJohanani noJozabade umGederati.
5uEluzai, noJerimote, noBealia, noShemaria, noShefatia umHarufi.
6noElkana, noJesia, noAzarali, noJoeza, noJashobamu amaKori.
7uJoela, noZebadia, amadodana ka Jerohamu wa seGedori.
8KumaGadi kwa butana kuDavida enqabeni ehlane, abantu abanamandhla bokulwa, abafanele impi, aba nga pata izihlangu nemikonto, aba be nobuso obu njengobamabubesi, be njengamaula a sezintabeni ngejubane.
9uEzeri owokuqala, uObadia wesibili, uEliabi wesitatu,
10uMishmana wesine, uJeremia wesihlanu.
11uAttai wesitupa, uElieli wesikombisa,
12uJohanani wesishiyagalombili, uElzabadi wesishiyagalolunye,
13uJeremia weshumi, uMakbanai weshumi nanye.
14Lawa amadodana ka Gadi izinhloko zebuto, omncinyane wa e pezu kwekulu, omkulu e pezu kwenkulungwane.
15Laba ibo aba wela iJordani ngenyanga yokuqala loku la li gcwele li pupumela ngapandhle; ba xotya bonke aba sezimfundeni ngasempumalanga na ngasentyonalanga.
16Kweza abakwaBenjamini nabakwaJuda kuDavida enqabeni.
17uDavida wa puma pambi kwabo, wa pendula, wa ti kubo, uma ni ze ngokutula kimi ukungisiza inhliziyo i ya kubonga neyenu kodwa uma ni ze ukunginikela eziteni zami, loku kungeko ukona ezandhleni zami, uTixo wa obaba betu ma ku bheke a ku lungise.
18Umoya wa fika ku Amasai, induna yamashumi amatatu, wa ti, si nga bako Davida si nawe wena ndodana ka Jese; ukutula, ukutula ma ku be kuwe, nokutula ku be kubasizi bako, ngokuba u sizwa uTixo wako. uDavida wa bamkela wa benza izinduna zesigaba.
19Kwa fika abanye kwabakwaManasa kuDavida lapo e za namaFilisti kuSauli ukulwa; kodwa a ba sizanga; ngokuba amakosi amaFilisti ngokuqonda a m mukisa e ti u za kuhlubuka a ye enkosini yake uSauli ku be ingozi emakanda etu.
20Ekuyeni kwake eZiklagi kweza kuye aba kwaManasa, uAdna, noJozabadi, noJediale, noMikaeli, noJozabadi, noElihu, noZiltai, izinduna zezinkulungwane zaba kwa Manasa.
21Ba siza uDavida emabutweni ngokuba bonke ba be amaqawe a namandhla ba ba izinduna zamabuto.
22Ngalesosikati, imihla ngemihla ba beza ukumsiza uDavida, kwa za kwa ba ibandhla elikulu njengebandhla lika Tixo.
23Umumo wezinhloko zabahlomela ukulwa a beza kuDavida eHebroni, ukuba ba buyisele umbuso ka Sauli kuye, njengezwi lika Jehova.
24AbakwaJuda aba be pete isihlangu, nomkonto be hlomele impi, ba be izinkulungwane ezi isitupa namakulu a isishiyagalombili.
25KwabakwaSimeoni amaqawe a namandhla ukulwa izinkulungwane ezi isikombisa nekulu;
26Kwaba kwaLevi izinkulungwane ezine namakulu a isitupa.
27uJehoida wa e umholi wamaAroni wa ye nezinkulungwane ezintatu namakulu a isikombisa.
28uZadoki insizwa e namandhla, na sendhlini ka yise izinduna ezi amashumi amabili nambili.
29NabakwaBenjamini abazalwane baka Sauli izinkulungwane ezintatu, ngokuba kwa za kwa ba i leso sikati inxenye enkulu yabo ya i linda indhlu ka Sauli.
30AbakwaEfraimi amaqawe a namandhla a izinkulungwane ezi amashumi amabili namakulu a isishiyagalombili abantu abadumileyo ezindhlini za oyise.
31Nenxenye yesizwe sika Manasa, izinkulungwane ezi ishumi nesishiyagalombili aba be bizwa ngamagama, ukuba beze ukwenza uDavida inkosi.
32KwabakwaIsakari, aba be nokuqonda izikati ukwazi okufanele ukwenziwa uIsraeli izinhloko zabo za zi amakulu amabili; nabazalwane babo bonke ba benza njengezwi labo.
33KwabakwaZebuloni, aba be ya empini, be hlomela impi ngezikati zonke zempi aba izinkulungwane ezi amashumi a isihlanu bezihlela nganhliziyonye.
34KwabakwaNaftali izinduna ezi inkulungwane zi naba izinkulungwane ezi amashumi amatatu nesikombisa, aba nesihlangu, nomkonto.
35KwabakwaDani abapuma impi izinkulungwane ezi amashumi amabili nashiyagalombili namakulu a isitupa.
36Na kwabakwaAsheri abapuma ukulungela impi aba izinkulungwane ezi amashumi amane.
37Ngapesheya kweJordani kwaba kwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sika Manasa, be nezikali zonke zokulwa empini, izinkulungwane ezi ikulu namashumi amabili.
38Bonke laba bantu bokulwa aba be hlela amaviyo beza ngezinhliziyo ezi qinisileyo, ukwenza uDavida a be inkosi pezu kwabaIsraeli bonke; nabaIsraeli bonke ba be nhliziyonye, ukwenza uDavida a be inkosi.
39Ba be kona kanye noDavida izinsuku ezintatu be dhla bepuza ngokuba abazalwane babo ba be ba lungisele.
40Naba be seduze nabo, abakwaIsakari nabakwaZebuloni nabakwa Naftali ba leta izinkwa ngezinjomane na ngamakamelo, na ngezimbongolo, na ngezinkabi, nokudhla kwempupu, izihleke zamakiwane nezewaini, nezinwazi, namafuta, nezinkabi, nezimvu, okuningi, ngokuba kwa ku kona ukutokoza kwaIsraeli.