1AMAFILISTI a lwa noIsraeli, abakwa Israeli ba baleka pambi kwamaFilisti ba wa be gwazwa entabeni iGilboa.
2AmaFilisti a landela uSauli namadodana ake, a qinisa, a ti ne; amaFilisti a bulala uJonatani, noAbinadabi, noMalkishua, amadodana aka Sauli.
3Ukulwa kwa ba lukuni uSauli wa funyaniswa abacibityelo, wa tutumela ngabacibityelo.
4uSauli wa ti kumpati wezikali zake Kipa inkemba yako u ngi gwaze ngayo, funa laba abangasokile beze ba ngi gwaze, kodwa umpati wezikali zake wala ngokuba wesaba kakulu; uSauli wa i tabata inkemba wa wela kuyo.
5Umpati wezikali zake wa bona ukuba uSauli u file wa wela kuyo inkemba naye, wa fa.
6uSauli wa fa namadodana amatatu ake nendhlu yonke yake ya fa kanye kanye.
7Abakwa Israeli bonke aba be semfundeni ba bona ukuba ba balekile, noSauli u file namadodana ake, ba i shiya imizi yabo, ba baleka, amaFilisti eza a hlala kuyo.
8Kwa ti ngangomso, e se fikile ama Filisti ukuhlubula ababuleweyo, a m fumanisa uSauli namadodana ake e wile entabeni eGilboa.
9Ba m hlubula, ba tabata ikanda lake, ba li tumela kanye nezikali zake ezweni lamaFilisti indawo yonke, ukubikela izitixo zabo nabantu.
10Ba zi beka izikali zake endhlini yezitixo zabo, ba lu betela ukakayi lwake endhlini ka Dagoni.
11Kwezwakala kulo lonke iJabesh-Giladi konke okwenzwa amaFilisti kuSauli.
12Besuka, abanamandhla, ba tabata isidumbu sika Sauli nezidumbu zamadodana ake, ba zi zisa eJabeshi, ba wambela amatambo abo pansi komala eJabeshi, be zila ukudhla izinsuku ezisikombisa;
13uSauli wa fa ngokona kwake e kwenza kuJehova, ngelizwi lika Jehova a lapulayo, ngokucela isanusi, ukuba si m buzela;
14A ka buzanga kuJehova; ngako wa m cita, wa pendulela umbuso kuDavida indodana ka Jese.