Ukuchithwa kwezitha zakwaIsrayeli
1Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba-yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwaIsrayeli,
2kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
3ITire lazakhela inqaba,
lanqwabela isiliva njengothuli,
negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4Bheka, iNkosi iyakulaphuca,
iphonse imfuyo yalo elwandle,
lona lidliwe ngumlilo.
5IAshikeloni liyakukubona, lesabe,
neGaza futhi, beselithuthumela kakhulu,
kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha;
inkosi iyakubhubha eGaza,
neAshikeloni aliyikuhlalwa.
6EAshidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla;
ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo,
nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo,
nabo uqobo babe-yinsali kuNkulunkulu wethu,
babe-ngababusi kwaJuda
nase-Ekroni njengamaJebusi.
8Ngiyakumisa ngibe-yinqaba yendlu yami,
ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo;
akusayikudlula-mcindezeli kubo,
ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
INkosi yaseSiyoni
9Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni;
jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema;
bheka, iNkosi yakho iza kuwe,
ilungile, inensindiso,
ithobekile, ikhwele imbongolo,
ithole, inkonyane yembongolokazi.
10Ngiyakunquma inqola kwaEfrayimi
nehashi eJerusalema,
nomnsalo wokulwa uyakunqunywa;
iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe,
nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle,
kusukela eMfuleni* kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
11Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho,
ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
12Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba;
namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwé kabili.
13Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo,
ngibeka uEfrayimi kuwo,
ngivusela amadodana akho, Siyoni,
kumadodana akho, Javani,
ngikwenze inkemba yeqhawe.
14UJehova abesebonakala phezu kwabo,
umcibisholo wakhe uphume njengonyazi;
iNkosi uJehova iyakubetha icilongo,
ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
15UJehova-Sebawoti uyakubavikela,
badle, banyathele phansi amatshe endwayimana;
bayakuphuza igazi labo njengewayini,
bagcwale njengemikhele,
njengamagumbi ealtare.
16UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolosuku
njengomhlambi wabantu bakhe,
ngokuba bangamatshe omqhele
abengezela phezu kwezwe lakhe.
17Yeka ubuhle balo!
Yeka ukubukeka kwalo!
Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo,
newayini elisha izintombi zalo.