Izinqola ezine
1Ngabuye ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, kwaphuma izinqola ezine phakathi kwezintaba ezimbili; izintaba zaziyizintaba zethusi.
2Enqoleni yokuqala kwakukhona amahashi abomvu, nasenqoleni yesibili amahashi amnyama,
3nasenqoleni yesithathu amahashi amhlophe, nasenqoleni yesine amahashi anala alufipha.
4Ngase ngithatha, ngithi kuyo ingelosi eyayikhuluma nami: Ayini lana, nkosi?
5Ingelosi yaphendula, yathi kimi: Lana ayimimoya yomine yezulu ephuma ekumeni phambi kweNkosi yomhlaba wonke.
6Enamahashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.
7Alufipha aphuma, afuna ukuhambahamba emhlabeni; yathi: Hambani, nihambahambe emhlabeni; ayesehambahamba emhlabeni.
8Yayisimemeza kimi, yakhuluma kimi, yathi: Bheka, aphumela ezweni lasenyakatho, ayakuthulisa uMoya wami ezweni lasenyakatho.
Ukugcotshwa kukaJoshuwa umpristi omkhulu
9Lase lifika izwi likaJehova, lathi:
10Yamukela kubathunjwa, kuHelidayi, nakuThobiya, nakuJedaya izipho, uhambe wena ngalona lolosuku, ungene endlini kaJosiya indodana kaZefaniya, lapho befiké khona bevela eBabele.
11Lapho wamukele isiliva negolide, yenza umqhele, uwubeke ekhanda likaJoshuwa indodana kaJehosadaki, umpristi omkhulu,
12usho kuye, uthi: Usho kanje uJehova-Sebawoti, uthi: Bheka, kukhona indoda egama layo linguHlumela; uyakumila endaweni yakhe, akhe ithempeli likaJehova.
13Yebo, yena uyakulakha ithempeli likaJehova, athwale ubukhosi, ahlale, abuse esihlalweni sakhe sobukhosi, kubekhona nompristi esihlalweni sakhe sobukhosi, kube-khona ukululekana ngokuthula phakathi kwabo bobabili.
14Imiqhele iyakuba-yisikhumbuzo sikaHelemi, nesikaThobiya, nesikaJedaya, nesikaHeni indodana kaZefaniya ethempelini likaJehova.
15Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova, nazi ukuthi nguJehova-Sebawoti ongithumile kini. Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.