Uthi lwezibani neminqumo emibili
1Ingelosi eyayikhuluma nami yabuya, yangivusa njengomuntu evuswa ebuthongweni bakhe.
2Yathi kimi: Ubonani na? Ngathi: Ngibona, bheka, uthi lwezibani luyigolide lonke, lunembizana yalo phezu kwalo, nezibani zalo eziyisikhombisa zikulo; kukhona imibhobo eyisikhombisa kuleso nalesosibani esiphezu kwalo,
3neminqumo emibili eseceleni kwalo, omunye ungakwesokunene sembizana, nomunye ungakwesokhohlo sayo.
4Ngathatha ngasho kuyo ingelosi eyayikhuluma nami, ngathi: Ziyini lezi, nkosi.
5Ingelosi eyayikhuluma nami yaphendula, yathi kimi: Awazi yini ukuthi ziyini lezi? Ngathi: Qha, nkosi.
6Yayisithatha isho kimi, ithi: Lokhu kuyizwi likaJehova kaZerubabele lokuthi: Kungabi-ngempi, kungabi-ngamandla, kepha kube-ngomoya wami kuphela, usho uJehova-Sebawoti.
7Ungubani wena-ntaba enkulu? Phambi kukaZerubabele uyakuba-yithafa; uyakukhipha itshe eliyinhloko ngokumemeza ukuthi: Umusa, umusa mawubekulo!
8Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:
9Izandla zikaZerubabele zibeké isisekelo salendlu, futhi izandla zakhe ziyakuyiqeda, wazi ukuthi nguJehova-Sebawoti ongithumile kini.
10Ngokuba ngubani oyakudelela usuku lwezinto ezincane, lapho ethokoza lawamehlo ayisikhombisa kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukubona umthofu wokumisa esandleni sikaZerubabele, na?
11Ngase ngithatha, ngithi kuyo: Iyini leminqumo emibili ngakwesokunene sothi lwezibani nangakwesokhohlo salo na?
12Ngathatha ngokwesibili, ngathi kuyo: Ayini lawamagatsha amabili eminqumo aseceleni kwemibhobo emibili yegolide, athululwa ngayo amafutha egolide na?
13Yangiphendula yathi: Awazi ukuthi ayini? Ngathi: Qha, nkosi.
14Yayisithi: Lawa angabagcotshiweyo ababili abemi ngaseNkosini yomhlaba wonke.