Usuku lukaJehova
1Bheka, luyeza usuku lukaJehova, lapho impango yakho iyakwahlukaniswa phakathi kwakho.
2Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.
3UJehova uyakuphuma, alwe nalabobezizwe njengasosukwini lwempi yakhe ngosuku lokulwa.
4Izinyawo zakhe ziyakuma ngalolosuku eNtabeni yemiNqumo ephambi kweJerusalema ngasempumalanga, iNtaba yemiNqumo iqhekezeke phakathi ngasempumalanga nangasentshonalanga, kubeyisigodi esikhulu kakhulu; inxenye yentaba iyakuqhekezekela ngasenyakatho nenxenye ngaseningizimu.
5Niyakubalekela esigodini sezintaba zami, ngokuba isigodi sezintaba siyakufinyelela eAseli, yebo, niyakubaleka njengalokho nabalekela ukuzamazama komhlaba ngezinsuku zikaUziya inkosi yakwaJuda; lapho kuzakufika uJehova uNkulunkulu wami nabo bonke abangcwele kanye nawe.
6Kuyakuthi ngalolosuku kungabikho ukukhanya, amakhaza nesithwathwa kuphela.
7Kuyakuba-lusuku ngokwalo olwaziwa nguJehova, kungabi-yimini, kungabi-ngubusuku, kepha kube-ngukukhanya ngesikhathi sokuhlwa.
8Kuyakuthi ngalolosuku kuphume amanzi aphilayo eJerusalema, inxenye yawo ngaselwandle lwasempumalanga, inxenye yawo ngaselwandle lwasentshonalanga, kube-sehlobo nasebusika.
9UJehova uyakuba-yiNkosi emhlabeni wonke; ngalolosuku uJehova uyakubamunye, negama lakhe libe-linye.
10Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube-seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kubesendaweni yesango lakuqala, kuze kubeseSangweni laseGumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kubesesikhamweni sewayini senkosi.
11Kuyakuhlalwa kulo, kungabe kusabakho-siqalekiso, kepha iJerusalema liyakuhlala ngokulondeka.
12Yikho okuyakuba-ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwé neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.
13Kuyakuthi ngalolosuku kubephakathi kwabo isidumo esikhulu esivela kuJehova, babambe, kube-yilowo nalowo isandla somakhelwane wakhe, isandla sakhe sivukele isandla somakhelwane wakhe.
14NoJuda uyakulwa eJerusalema, kubuthwe ingcebo yazo zonke izizwe ezizungezileyo, igolide, nesiliva, nezambatho, kube-kuningi kakhulu.
15Kuyakuba-njalo ukushaywa kwamahashi, neminyuzi*, namakamela, nezimbongolo, nazo zonke izilwane, okuyakuba-khona kulawomakamu*, njengalokhokushaywa.
16Kuyakuthi bonke abaseleyo ezizweni zonke ezazilifikela iJerusalema bakhuphuke iminyaka ngeminyaka ukukhuleka eNkosini uJehova-Sebawoti nokugubha umkhosi wamadokodo.
17Kuyakuthi abangakhuphuki emindenini yomhlaba, baye eJerusalema ukukhuleka eNkosini uJehova-Sebawoti, phezu kwabo kungabi-yimvula.
18Uma umndeni waseGibithe ungakhuphuki uze ufike, ayiyikuba-naphezu kwawo; kepha kuyakuba-khona ukushaywa uJehova ayakushaya ngakho izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.
19Lokhu kuyakuba-yisijeziso seGibithe nesijeziso sazo zonke izizwe ezingakhuphuki ukugubha umkhosi wamadokodo.
20Ngalolosuku kuyakulotshwa ezikhencezweni zamahashi ukuthi: Zahlukaniselwe uJehova, amakhanzi asendlini kaJehova abe-njengemikhele phambi kwealtare.
21Onke amakhanzi eJerusalema nakwaJuda ayakwahlukaniselwa uJehova-Sebawoti; bonke abahlabayo bayakufika, bathathe kuwo, bapheke kuwo, kungabe kusabakho-mthengisi ngalolosuku endlini kaJehova-Sebawoti.