Ukusindiswa kweJerusalema
1Isiprofetho.
Izwi likaJehova ngoIsrayeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:
2Bheka, ngiyakwenza iJerusalema libe-yindebe yokutengezela kubo bonke abantu nxazonke nakulo iJuda ekuvinjezelweni kweJerusalema.
3Kuyakuthi ngalolosuku ngenze iJerusalema libe-yitshe elisindayo kuzo zonke izizwe; zonke ezizithwesa lona ziyakusikwa nokusikwa; zonke izizwe zomhlaba ziyakulihlanganyela.
4Ngalolosuku, usho uJehova, ngiyakushaya onke amahashi ngokugcwaneka nezinkweli zawo ngobuhlanya; ngiyakuvula amehlo ami phezu kwendlu yakwaJuda, ngishaye onke amahashi abezizwe ngobumpumputhe.
5Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi: Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova-Sebawoti, uNkulunkulu wabo.
6Ngalolosuku ngiyakwenza ababusi bakwaJuda babe-ngumcengezi womlilo phakathi kwemithi nobhaqa lomlilo phakathi kwezithungu; bayakuqeda bonke abantu nxazonke ngakwesokunene nangakwesokhohlo, iJerusalema libe lisahlala endaweni yalo eJerusalema.
7UJehova uyakusindisa amatende akwaJuda kuqala, ukuze udumo lwendlu yakwaDavide nodumo lwabakhileyo eJerusalema lungakhuliswa phezu kukaJuda.
8Ngalolosuku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolosuku uyakubanjengoDavide, indlu kaDavide ibe-njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.
9Kuyakuthi ngalolosuku ngifune ukuchitha bonke abezizwe abahlasela iJerusalema.
10Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe-nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.
11Ngalolosuku kuyakuba-khona ukulila okukhulu eJerusalema njengokulila kweHadadi-Rimoni esigodini saseMegidoni.
12Izwe liyakulila imindeni ngemindeni ngokwayo: umndeni wendlu yakwaDavide ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni wendlu yakwaNathani ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo;
13umndeni wendlu yakwaLevi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo; umndeni kaShimeyi ngokwawo nabesifazane bawo ngokwabo,
14nayo yonke imindeni eseleyo, imindeni ngemindeni ngokwayo nabesifazane bayo ngokwabo.