Ukulalela amakhosi
1Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,
2bangahlambalazi-muntu, bangabi-yizilwi, babe-ngabavileyo, bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
3Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu, sizondekile sizondana.
4Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
5wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe-basha ngoMoya oNgcwele,
6amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,
7ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe-yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba.
Xwaya izifundiso zamanga
8Lithembekile lelizwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezozinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Lezozinto zinhle, zinosizo kubantu;
9kepha gwema imibuzo yobuwula, nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.
10Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwé kanye nakabili male,
11wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena.
Isigcino
12Nxa sengithuma uArethema noma uThikhiku kuwe, woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.
13UZena ummeli noApholo wobahambisa ngokunakekela, bangasweli-lutho.
14Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi-ngabangenazithelo.
15Bonke abanami bayakhonza kuwe. Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube-nani nonke.