UNkulunkulu akasenzeli umusa ukuba sihlale esonweni, kodwa ukuba sinqobe isono, simkhonze ekulungeni
1Ngakho siyakuthini na? Sihlale esonweni, ukuze kuvame umusa na?
2Qha nakanye. Thina esafa maqondana nesono singabuye sihambe kanjani kuso na?
3Kumbe anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu, sabhapathizelwa kukho ukufa kwakhe na?
4Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
5Ngokuba uma sihlanganisiwe kanye naye ngokufa okufananayo, siyakubanjalo nangokuvuka,
6sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,
7ngokuba ofileyo ukhululiwe esonweni.
8Kepha uma safa kanye noKristu, siyakholwa ukuthi siyakuphila futhi kanye naye,
9sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe.
10Ngokuba ukufa afa ngakho wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.
11Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.
12Ngakho makungabusi isono emzimbeni wenu ofayo, nize nilalele izinkanuko zawo;
13futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe-yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe-yizikhali zokulunga,
14ngokuba isono asiyikubusa phezu kwenu; ngokuba aniphansi komthetho, kepha niphansi komusa.
15Kunjani, pho, na? Siyakona ngokuba singephansi komthetho kodwa phansi komusa na? Qha nakanye.
16Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe-yizinceku zokumlalela, niyizinceku zakhe enimlalelayo, noma ezesono kube-ngukufa noma ezokulalela kube-ngukulunga, na?
17Kepha makabongwe uNkulunkulu ukuthi nina enaniyizinceku zesono senilalela ngenhliziyo indlela yesifundiso enanikelwa kuyo
18nokuthi, senikhululiwe esonweni, naba-yizinceku zokulunga.
19Ngikhulumisa okomuntu ngenxa yobuthakathaka benyama yenu. Ngokuba njengalokho nanikela izitho zenu zibeyizinceku zamanyala nezokungalungi kwaba-ngukungalungi, kanjalo nikelani manje izitho zenu zibe-yizinceku zokulunga kube-ngukungcweliswa.
20Ngokuba lapho niseyizinceku zesono, nanikhululekile maqondana nokulunga.
21Ngalesosikhathi naninezithelo zini na? Eseninezinhloni ngakho manje; ngokuba ukugcina kwalokho kungukufa.
22Kepha manje, senikhululiwe esonweni nabangabakhonza uNkulunkulu, ninazo izithelo zenu kube-ngukungcweliswa nasekugcineni ukuphila okuphakade.
23Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.