Ngokulalela amakhosi
1Akube-yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso, ngokuba akukho-mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu; lawa akhona amiswé nguNkulunkulu.
2Ngakho-ke omelana namandla ombuso umelana nesimiso sikaNkulunkulu; kepha abamelana nakho bayakwamukeliswa ukulahlwa.
3Ngokuba ababusi abesabeki kwabenza okuhle kodwa kwabenza okubi. Kepha uyathanda yini ukungesabi amandla ombuso na? Yenza okuhle, uyakubongwa yiwo;
4ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, kube-kuhle kuwe. Kepha uma wenza okubi, yesaba; ngokuba awuyiphatheli ize inkemba; ngokuba uyisikhonzi sikaNkulunkulu, umphindiseli wokwehlisela ulaka kowenza okubi.
5Ngalokho kuswelekile ukuwuthobela, kungabi-kuphela ngenxa yolaka kodwa nangenxa kanembeza.
6Ngokuba ngenxa yalokho nikhipha intela; ngokuba bayizikhonzi zikaNkulunkulu ezikhuthalela khona lokho.
7Nikani bonke okubafaneleyo: intela kofanele intela, inkokhiso kofanele inkokhiso, ukwesaba kofanele ukwesatshwa, udumo kofanele udumo.
Ukuthanda abazalwane
8Ningabi-nacala lani nakubani, kuphela elokuthandana; ngokuba othanda omunye uwugcwalisile umthetho.
9Ngokuba lokhu ukuthi: Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi, noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kulelizwi elithi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.
10Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
Ukuhamba ekukhanyeni
11Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunalesosikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
12Ubusuku sebuyaphela, imini isisondele. Ngakho-ke asilahle imisebenzi yobumnyama, sihlome izikhali zokukhanya.
13Asihambe ngokufaneleyo njengasemini, kungabi-ngokuminza nokudakwa, kungabi-ngobufebe namanyala, kungabingokuxabana nomhawu;
14kodwa yembathani iNkosi uJesu Kristu, ninganakekeli inyama kuvuswe izinkanuko.