IWundlu livula izimpawu eziyisithupha zokuqala
1Ngase ngibona lapho iWundlu livula olunye lwezimpawu eziyisikhombisa, ngezwa esinye sezidalwa ezine sisho njengezwi lokuduma, sithi: Woza!
2Ngabona, bheka, nanto ihashi elimhlophe, nohlezi phezu kwalo ephethe umnsalo wanikwa umqhele, waphuma engonqobayo nokuyakunqoba.
3Nalapho livula uphawu lwesibili, ngezwa isidalwa sesibili sithi: Woza!
4Kwase kuphuma elinye ihashi elibomvu, nohlezi phezu kwalo waphiwa ukususa ukuthula emhlabeni, ukuze babulalane, wanikwa nenkemba enkulu.
5Kuthé selivula uphawu lwesithathu, ngezwa isidalwa sesithathu sithi: Woza! Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimnyama nohlezi phezu kwalo ephethe isilinganiso ngesandla sakhe.
6Ngase ngizwa kungathi izwi phakathi kwezidalwa ezine lithi: Imbenge kakolweni ngodenariyu* nezimbenge ezintathu zebhali* ngodenariyu; kepha amafutha newayini ungakoni.
7Nalapho livula uphawu lwesine, ngezwa izwi lesidalwa sesine sithi: Woza!
8Ngase ngibona, bheka, nanto ihashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.
9Nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwealtare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.
10Bamemeza ngezwi elikhulu, bathi: Koze kube-nini, Mbusi ongcwele noqinisileyo, ungahluleli, uphindisele igazi lethu kulaba abakhileyo emhlabeni na?
11Base benikwa, kwaba-yilowo nalowo ingubo ende emhlophe, kwashiwo kubo ukuba baphumule isikhashana, baze baphelele abayizinceku kanye nabo nabazalwane babo ababezakubulawa njengabo.
12Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba-khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba-mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba-njengegazi,
13nezinkanyezi zezulu zawela emhlabeni njengomkhiwane uvuthulula umphobo wawo, nxa uzanyazanyiswa ngumoya omkhulu,
14nezulu lagoqwa njengomqulu wencwadi usongwa, nezintaba zonke neziqhingi zasuswa ezindaweni zazo.
15Namakhosi omhlaba nezikhulu, nezinduna, nabacebileyo, nabanamandla, nezigqila zonke, nabakhululekileyo bacasha emihumeni nasemaweni ezintaba;
16base bethi ezintabeni nasemaweni: Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu,
17ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?