IJerusalema elisha
1Wayesengikhombisa umfula wamanzi okuphila ucwebezela njengekristalu*, uvela esihlalweni sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu.
2Phakathi kwesitaladi sawo nomfula emaceleni omabili kukhona umuthi wokuphila, uthela izithelo eziyishumi nambili, uthela izithelo zawo izinyanga ngezinyanga, namaqabunga omuthi angawokuphulukisa izizwe.
3Akusayikuba-khona nokukodwa ukuqalekisa. Isihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu neseWundlu siyakuba-kuwo, nezinceku zakhe ziyakumkhonza,
4zibone ubuso bakhe, negama lakhe liyakuba-semabunzini azo.
5Ubusuku abusayikuba-khona; abadingi ukukhanya kwesibani nokukhanya kwelanga, ngokuba iNkosi uNkulunkulu iyakubakhanyisela; bayakubusa phakade naphakade.
Iqiniso lombono
6Yayisithi kimi: Lawomazwi athembekile, aqinisile, neNkosi uNkulunkulu wemimoya yabaprofethi iyithumile ingelosi yayo ukuzikhombisa izinceku zayo okuzakwenzeka masinyane.
7Bheka, ngiyeza masinyane. Ubusisiwe ogcina amazwi esiprofetho salencwadi.
8Mina-Johane nginguye owezwa nowabona lezizinto. Kuthé sengizwile, sengibonile, ngawa phansi ukuba ngikhuleke phambi kwezinyawo zengelosi engikhombisile lezozinto.
9Yayisithi kimi: Musa; ngiyinceku kanye nawe nabazalwane bakho abaprofethi nabagcina amazwi alencwadi; khuleka kuNkulunkulu.
10Yathi kimi: Ungavali ngophawu amazwi esiprofetho salencwadi, ngokuba isikhathi siseduze.
11Ongalungile makenze njalo okungalungile, nongcolileyo makazingcolise njalo, kepha olungileyo makenze njalo ukulunga, nongcwele makazingcwelise njalo.
12Bheka, ngiyeza masinyane, nomvuzo wami unami ukumnika yilowo nalowo njengokomsebenzi wakhe.
13NginguAlfa no-Omega, owokuqala nowokuphela, isiqalo nesigcino.
14Babusisiwe abahlanza izingubo zabo ukuba bathole ilungelo labo emthini wokuphila, bangene emzini ngamasango.
15Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.
16Mina-Jesu ngithumile ingelosi yami ukufakaza kini lezizinto emabandleni. Ngiyimpande nenzalo kaDavide, inkanyezi yokusa ecwebezelayo.
17UMoya nomlobokazi bathi: Woza! Nozwayo makathi: Woza! Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.
18Ngiyafakaza mina kubo bonke abezwayo amazwi esiprofetho salencwadi; uma ekhona owenezela kulokhu, uNkulunkulu uyakwenezela kuye izinhlupho ezilotshiwe kulencwadi;
19futhi uma ekhona osusa utho kuwo amazwi encwadi yalesisiprofetho, uNkulunkulu uyakususa isabelo sakhe emthini wokuphila, nasemzini ongcwele, nakulokhu okulotshiwe kulencwadi.
20Ofakaza ngalezizinto uthi: Yebo, ngiyeza masinyane. Amen. Woza, Nkosi Jesu!
21Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube-nani nonke. Amen.