Owesifazane nodrako*
1Kwaba-khona ezulwini isibonakaliso esikhulu: owesifazane embethe ilanga, nenyanga iphansi kwezinyawo zakhe, nasekhanda lakhe kukhona umqhele wezinkanyezi eziyishumi nambili,
2ekhulelwe wakhala, enemihelo esikwa ngubuhlungu bokubeletha.
3Kwabonakala esinye isibonakaliso ezulwini; bheka, nango udrako* omkhulu obomvu, enamakhanda ayisikhombisa nezimpondo eziyishumi, nasemakhanda akhe enemiqhele eyisikhombisa;
4umsila wakhe wadonsa okwesithathu kwezinkanyezi zezulu, waziphonsa emhlabeni. Nodrako wema phambi kowesifazane obezakubeletha, ukuze kuthi nxa esebelethile, ashwabadele umntwana wakhe.
5Wabeletha umntwana wesilisa ozakubusa izizwe zonke ngentonga yensimbi, nomntanakhe wahlwithelwa kuNkulunkulu nasesihlalweni sakhe sobukhosi.
6Owesifazane wayesebalekela ehlane, lapho enendawo ayilungiselwe nguNkulunkulu, ukuba bamondle izinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisithupha.
UMikayeli uyalwa nodrako*
7Kwase kuba-khona ukulwa ezulwini; uMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako*. Nodrako walwa enezingelosi zakhe,
8kepha kabaze banqoba, nendawo yabo kayabe isafunyanwa ezulwini.
9Wayesephonswa phansi udrako omkhulu, inyoka endala ethiwa uMhlebi noSathane, odukisa izwe lonke, waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa kanye naye.
10Ngase ngizwa izwi elikhulu ezulwini, lithi:
Kalokhu insindiso namandla nobukhosi ngokukaNkulunkulu wethu, nombuso ngokaKristu wakhe, ngokuba uphonswé phansi ummangaleli wabazalwane bethu obamangalelayo phambi kukaNkulunkulu wethu imini nobusuku.
11Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba-sekufeni.
12Ngalokho thokozani nina-mazulu nabahlala kuwo; maye kuwe-mhlaba nakuwe-lulwandle, ngokuba uSathane wehlele kini enolaka olukhulu, azi ukuthi unesikhathi esifushane!
13Kuthé udrako esebona ukuthi usephonswé phansi emhlabeni, wazingela owesifazane owayezalé umntwana wesilisa.
14Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka.
15Nenyoka yakhwifa, kwaphuma emlonyeni wayo emva kowesifazane amanzi kungathi umfula ukuba immukise nomfula.
16Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wakhamisa umlomo wawo, wawuminza umfula owawukhwifa udrako ngomlomo wakhe.
17Udrako wamthukuthelela owesifazane, wamuka, wayokulwa nabaseleyo benzalo yakhe, labo abagcina imiyalo kaNkulunkulu nabanobufakazi bukaJesu.
18Ngema esihlabathini solwandle.