Ukubonga ubumnene nokulunga kukaJehova
Ihubo; igama losuku lwesabatha
1Kuhle ukumbonga uJehova
nokuhubela igama lakho wena oPhezukonke;
2ukushumayela umusa wakho ekuseni
nokuthembeka kwakho ebusuku,
3ngokubetha ugubhu olunezintambo eziyishumi,
nomqangala, kanye nehabhu* elizwakala kamnandi.
4Ngokuba ungithokozisile, Jehova, ngezenzo zakho;
ngiyakumemeza ngokujabula.
5Yeka ubukhulu bezenzo zakho, Jehova.
Imicabango yakho ijulile kakhulu.
6Umuntu oyisilima angekucabange,
nesiwula asikuboni.
7Noma ababi behluma njengotshani,
nezigangi noma ziqhakaza zonke,
kuyenzeka ukuba babhujiswe kuze kube-phakade.
8Kepha wena-Jehova uphakeme kuze kube-phakade.
9Ngokuba bheka, izitha zakho, Jehova,
bheka, izitha zakho, ziyakubhubha;
bonke abenza okubi bayakuhlakazwa.
10Kepha uphondo lwami uyaluphakamisa njengolwenyathi,
ngigcotshwa ngamafutha amasha.
11Iso lami liyakubona ngokujabula izitha zami,
nezindlebe zami ziyakuzwa ngokuthokoza ngababi abangivukelayo.
12Olungileyo uyahluma njengesundu,
uyakhula njengomsedari* eLebanoni.
13Batshaliwe endlini kaJehova,
bamila emagcekeni kaNkulunkulu wethu.
14Nasebudaleni bayakuthela izithelo,
bahlume babe-luhlaza,
15ukuze bashumayele ukuthi uJehova ulungile;
uyidwala lami okungekho kuye ukungalungi.