UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululi
Kumholi wokuhlabelela; ngogubhu; ihubo lika-Asafa; igama
1UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,
igama lakhe likhulu kwaIsrayeli.
2Itabernakele* lakhe liseSalema,
nendlu yakhe iseSiyoni.
3Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,
nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*.
4Uyakhazimula ngobukhosi,
lapho uvela ezintabeni zempango.
5Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,
balele ubuthongo babo;
amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.
6Ngokusola kwakho, Nkulunkulu kaJakobe,
kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehashi.
7Wena, yebo, wena uyesabeka;
ngubani ongema ebusweni bakho ngesikhathi solaka lwakho na?
8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;
umhlaba wesaba, wathula
9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,
asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*.
10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;
insalelo yolaka uyakuyibhinca.
11Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.
Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.
12Uyanquma umoya wezikhulu,
wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.