INCWADI YESITHATHU
Umkhuleko womethemba uNkulunkulu
Ihubo lika-Asafa
1Impela uNkulunkulu umnene kuIsrayeli,
kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.
2Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;
kwaba-kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.
3Ngokuba ngaba-nomhawu ngabazidlayo,
lapho ngibona ukubusa kwababi.
4Ngokuba abanabuhlungu kuze kube-sekufeni kwabo,
namandla abo aqinile.
5Abahlupheki njengabanye abantu;
abahlushwa njengabanye abantu.
6Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;
indluzula ibembesa njengengubo.
7Amehlo abo aphinqekile ngokunona;
imicabango yenhliziyo iyachichima.
8Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;
bakhuluma besekuphakameni.
9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;
ulimi lwabo luhambela emhlabeni.
10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;
amanzi amaningi bazimuncela wona.
11Bathi: UNkulunkulu wazi kanjani na?
Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?
12Bheka, laba bayibo ababi;
bazinza njalo; bandisa imfuyo.
13Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,
ngahlamba izandla zami ngingenacala,
14ngokuba ngahlushwa usuku lonke;
kwasa ngijeziswa.
15Uma bengithé, ngizakukhuluma kanjalo,
bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.
16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,
kwaba-luhlupho emehlweni ami,
17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,
ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.
18Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;
ubawisa babe-yincithakalo.
19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!
Bashona, babhubha benovalo.
20Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,
uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.
21Kwathi inhliziyo yami yaba-nomunyu,
kuhlaba ezinsweni zami,
22ngaba-yisiphukuphuku, angaqondalutho;
ngaba-yisilwane kuwe.
23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;
ungibambile ngesandla sami sokunene.
24Uyakungihola ngesiluleko sakho,
andukuba ungamukele enkazimulweni.
25Nginobani ezulwini na?
Uma nginawe, angifuni-lutho emhlabeni.
26Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;
nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube-phakade.
27Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;
uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.
28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;
ngenzile iNkosi uJehova ibe-yisiphephelo sami,
ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.