UNkulunkulu uyisiphephelo sethu
Kumholi wokuhlabelela; kuJeduthuni*; ihubo likaDavide
1Umphefumulo wami uzithulele kuNkulunkulu kuphela;
insindiso yami ivela kuye.
2Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami, inqaba yami;
angiyikunyakaziswa kakhulu.
3Koze kube-nini nisukela umuntu
ukuba nimbulale nonke
njengodonga olwengemeyo
nothango oludilikayo na?
4Yebo, bathunga icebo lokumwisa ekuphakameni kwakhe, bathanda amanga;
bayabusisa ngomlomo wabo, kepha ezibilinini zabo bayaqalekisa. Sela*.
5Mphefumulo wami, zithulisele kuNkulunkulu kuphela,
ngokuba ithemba lami livela kuye.
6Nguye kuphela oyidwala lami nensindiso yami,
inqaba yami; angiyikunyakaziswa.
7Insindiso yami nodumo lwami kukuNkulunkulu;
idwala lami eliqinileyo nesiphephelo sami kukuNkulunkulu.
8Thembani kuye ngezikhathi zonke nina-bantu,
nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe;
uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela*.
9Abantwana babantu bangumoya nje, abantwana bezikhulu bangamanga;
esilinganisweni bayakhuphuka,
balula kunomoya bonke.
10Maningakwethembi ukuqhwaga,
ningazigabisi ngokuphangiweyo;
uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.
11UNkulunkulu ukhulumile kanye,
ngikuzwé kabili
ukuthi amandla angakaNkulunkulu.
12Nomusa ungowakho, Nkosi;
ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.