Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni
Kumholi wokuhlabelela; indlela: Ungachithi; elikaDavide; iMiktamu*, mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale
1Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,
ngivikele kwabangivukelayo;
2ngikhulule kwabenza okubi,
ngisindise kubantu begazi.
3Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;
iziqhwaga ziyangihlanganyela,
kungekho-siphambeko, kungekho-sono kimi, Jehova.
4Ziyagijima, zizilungisele, kungekhocala kimi;
vuka, ungihlangabeze, ubone.
5Wena kambe, Jehova Nkulunkulu-Sebawoti, Nkulunkulu kaIsrayeli,
vuka uphindisele bonke abezizwe,
ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*.
6Bayabuya kusihiwa, bahlaba umkhulungwane njengenja,
bezula emzini.
7Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,
kukhona izinkemba ezindebeni zabo,
ngokuba bathi: Ngubani ozwayo na?
8Kepha wena-Jehova uyabahleka;
uyabaklolodela bonke abezizwe.
9Mandla ami, ngiyakulindela wena,
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.
10UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;
uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.
11Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;
zizulise ngamandla akho,
uzilahle phansi, Nkosi, sihlangu sethu.
12Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;
mazibanjwe ekuzidleni kwazo
nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.
13Ziqede ngokuthukuthela, ziqede zingabe zisabakho;
mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,
kuze kube-semikhawulweni yomhlaba. Sela*.
14Ziyabuya kusihlwa; zihlaba umkhulungwane njengenja,
zizula emzini.
15Zizulazulela ukudla;
uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.
16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,
ngethabele umusa wakho ekuseni,
ngokuba uyinqaba yami,
nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.
17Mandla ami, ngizakuhubela wena;
ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,
unguNkulunkulu wami womusa.