Ogcotshiweyo kaJehova
1Kungani ukuba abezizwe baxokozele,
nabantu bazindle ngokuyize na?
2Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa,
nababusi baceba icebo
ngoJehova nangogcotshiweyo wakhe ngokuthi:
3Masigqabule izibopho zabo,
silahle izintambo zabo, zisuke kithina.
4Yena ohlezi ezulwini uyahleka,
iNkosi iyabadelela.
5Ibisikhuluma kubo ngentukuthelo yayo,
ibethuse ngolaka lwayo, ithi:
6Nokho ngibekile iNkosi yami
eSiyoni, intaba yami engcwele.
7Ngizakulanda ngesinqumo:
uJehova wathi kimi: Uyindodana yami wena;
namuhla ngikuzele.
8Cela kimi, ngikunike abezizwe babeyifa lakho,
nemikhawulo yomhlaba ibe-yimfuyo yakho.
9Uzakubaphula ngentonga yensimbi,
ubaphahlaze njengesitsha sombumbi.
10Ngakho hlakaniphani nina-makhosi;
yalekani nina-bahluleli bomhlaba.
11Mkhonzeni uJehova ngokwesaba,
nethabe ngokuthuthumela.
12Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni,
ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane.
Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.