Umkhuleko wocela ukusizwa ezilingweni nasezitheni
Ihubo likaDavide
1Jehova, ngiyakhala kuwe, ngiphuthume;
lalela izwi lami, nxa ngikhuleka kuwe.
2Umkhuleko wami mawube-njengempepho ebusweni bakho,
nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.
3Jehova, bekela umlomo wami umlindi,
ugcine umnyango wezindebe zami.
4Ungaphenduleli inhliziyo yami entweni embi
ukuba ngenze imisebenzi yobubi
kanye nabantu abenza okubi,
ngingadli izibilebile zabo.
5Olungileyo makangishaye, kungumusa kimi;
angisole, kungamafutha ekhanda;
ikhanda lami malingawenqabi,
ngokuba nasebubini babo umkhuleko wami uyobe usekhona.
6Abahluleli babo bayakuphonswa eweni;
bayakuzwa ukuthi amazwi ami amnandi.
7Njengalokhu umuntu elima, eklaya umhlabathi,
amathambo ethu ahlakazekile ngasemlonyeni wendawo yabafileyo.
8Kepha amehlo ami akuwe-Jehova Nkosi yami;
ngiyakwethemba wena; ungathululi umphefumulo wami.
9Ngihlenge ogibeni abangibekele lona,
nasezihibeni zabenza okubi.
10Ababi mabawele emanetheni abo,
mina ngidlule kuwo.