Igama lokudumisa uJehova ngezenzo zakhe zomusa
1Bongani uJehova, nibize igama lakhe,
nizazise phakathi kwabantu izenzo zakhe.
2Hlabelelani kuye, nimhubele,
nikhulume ngezimangaliso zakhe zonke.
3Zibongeni egameni lakhe elingcwele;
mazithokoze izinhliziyo zabamfuna uJehova.
4Funani uJehova namandla akhe,
nifunisise ubuso bakhe njalo.
5Khumbulani izimangaliso zakhe azenzileyo,
nezibonakaliso zakhe nezahlulelo zomlomo wakhe,
6nina-nzalo ka-Abrahama inceku yakhe,
nina-bantwana bakaJakobe, abakhethiweyo bakhe.
7Yena unguJehova uNkulunkulu wethu;
izahlulelo zakhe zisemhlabeni wonke.
8Ukhumbulile isivumelwano sakhe kuze kube-phakade,
izwi ayala ngalo izizukulwane eziyinkulungwane,
9avumelana kuso noAbrahama,
nesifungo sakhe kuIsaka;
10wasiqinisa kuJakobe, saba-ngumthetho,
nakuIsrayeli, saba-yisivumelwano esiphakade,
11ethi: Ngizakukunika izwe laseKhanani
libe-yisabelo sefa lakho,
12lapho babeyingcosana ngomumo,
yebo, lapho babeyingcosana, futhi babeyizihambi kulo.
13Bazulazula ezizweni ngezizwe,
besuka kulombuso, beya kwabanye abantu.
14Akavumelanga-muntu ukubahlupha,
wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15ethi: Ningathinti abagcotshiweyo bami,
ningoni abaprofethi bami.
16Futhi wathuma indlala phezu kwezwe,
walwaphula uzime lwesinkwa.
17Wathuma indoda phambi kwabo:
uJosefa wathengiswa abe-yisigqila.
18Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,
waboshwa ngensimbi.
19Kwaze kwaba-yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,
izwi likaJehova lamhola.
20Inkosi yathuma yamthukulula,
umbusi wabantu wamkhulula.
21Wamenza umphathi wendlu yakhe
nenduna yezinto zakhe zonke,
22ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,
afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23UIsrayeli wayesefika eGibithe,
uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24Wandisa kakhulu abantu bakhe;
wabenza babe-namandla kunezitha zabo.
25Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,
baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
26Wathuma uMose inceku yakhe,
uAroni abemkhethile.
27Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe
nezimangaliso ezweni likaHamu.
28Wathuma ubumnyama, wenza kwabamnyama,
kepha baphambana namazwi akhe.
29Waphendula amanzi abo aba-yigazi;
wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30Izwe labo lagcwala amasele
nasezindlini zamakhosi abo.
31Wakhuluma, kwavela izibawu
nezinsensane eminceleni yabo yonke.
32Wabanika isichotho saba-yimvula yabo,
amalangabi omlilo ezweni labo.
33Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo;
waphula imithi yasezweni labo.
34Wakhuluma, kwavela isikhonyane
nezinkumbi ezingenakubalwa.
35Zona zadla imifino yonke yezwe lakubo,
zaqothula nezithelo zomhlabathi wabo.
36Washaya namazibulo onke ezweni lakubo,
okokuqala kwamandla abo.
37Wayesebakhipha benesiliva negolide,
kungekho otengezelayo emindenini yakubo.
38IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,
ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39Wendlala ifu lokubasibekela,
nomlilo wokukhanyisa ebusuku.
40Bacela, waletha izigwaca,
wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41Wavula idwala, kwampompoza amanzi,
agobhoza emahlane njengomfula.
42Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele
noAbrahama inceku yakhe.
43Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,
abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.
44Wabapha amazwe abezizwe,
badla isithelo somsebenzi wabantu
45ukuba baqaphele izimiso zakhe,
bagcine imithetho yakhe.
Haleluya!