Ihubo lokudumisa uNkulunkulu ngomusa wakhe
ElikaDavide
1Mbonge uJehova, mphefumulo wami;
konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
2Mbonge uJehova, mphefumulo wami,
ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe yomusa,
3yena othethelela zonke izono zakho,
owelapha zonke izifo zakho;
4okhulula ukuphila kwakho ekubhujisweni,
okuqhelisa ngomusa nangobubele;
5osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle,
ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.
6UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo
ukulunga nokwahlulela.
7Wamazisa uMose izindlela zakhe,
nabantwana bakwaIsrayeli izenzo zakhe.
8UJehova unobubele nesihawu;
wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.
9Akathethi njalonjalo;
akagcini intukuthelo yakhe kuze kube-phakade.
10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,
akasivuzi njengokwamacala ethu.
11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba
unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.
12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,
udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.
13Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,
kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.
14Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;
uyakhumbula ukuthi siluthuli.
15Izinsuku zomuntu zinjengotshani;
uyakhahlela njengembali yasendle.
16Ngokuba umoya uyadlula phezu kwayo, beseyinyamalala,
nendawo yayo ingabe isayazi.
17Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube-phakade,
nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,
18kubo abagcina isivumelwano sakhe
bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.
19UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini;
nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.
20Bongani uJehova nina-zingelosi zakhe,
nina-maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe
nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe.
21Bongani uJehova nina-mabandla onke akhe,
nina-zinceku zakhe enenza intando yakhe.
22Bongani uJehova nina-misebenzi yakhe yonke
ezindaweni zonke zombuso wakhe.
Mbonge uJehova, mphefumulo wami.