AMAHUBO 101
Indlela engenacala yababusi
ElikaDavide; ihubo
1Ngizakuhlabelela ngomusa nokwahlulela,
ngikudumise wena-Jehova.
2Ngizakuqaphelisisa indlela engenacala.
Uyakuza nini kimi na?
Ngizakuhamba endlini yami ngenhliziyo engenacala.
3Angizukubeka phambi kwamehlo ami into embi;
ukwenza kwabahlubukayo ngiyakuzonda;
akuyikunamathela kimi.
4Inhliziyo ephambeneyo iyakusuka kimi;
omubi angiyikumazi.
5Omhlebayo umakhelwane wakhe ngasese ngizakumqeda;
onamehlo aqhoshayo nenhliziyo ezidlayo angiyikumvumela.
6Amehlo ami akwabathembekileyo bomhlaba
ukuba bahlale nami;
ohamba endleleni engenacala uyakungikhonza.
7Osebenza ukukhohlisa akayikuhlala endlini yami;
okhuluma amanga akayikuma phambi kwamehlo ami.
8Ekuseni imihla ngemihla ngiyakubaqeda bonke ababi bomhlaba,
ukuze nginqume emzini kaJehova bonke abenzi bokubi.
© Bible Society of South Africa 1959. Used with permission. All rights reserved.