Amazwi ka-Aguri
1Amazwi ka-Aguri indodana kaJakhe waseMasa. Yathi indoda kuIthiyeli, koIthiyeli noUkhali:
2Impela ngiyisiwula kunabanye abantu,
anginakuqonda komuntu.
3Angifundanga ukuhlakanipha,
ukuze ngazi oNgcwele.
4Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na?
Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na?
Ngubani obophile amanzi engutsheni yakhe na?
Ngubani omisile yonke imikhawulo yomhlaba na?
Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe, uma ulazi, na?
5Onke amazwi kaNkulunkulu acwebile;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6Ungenezeli emazwini akhe,
funa akusole, ufunyanwe ungumqambimanga.
7Yizinto ezimbili engizicela kuwe:
unganginqabeli nazo, ngingakafi.
8Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubumpofu nengcebo,
kepha ngiphe isinkwa engisimiselweyo,
9funa ngisuthe, ngikuphike ngithi:
UJehova ungubani na?
funa ngibe-mpofu, ngebe,
ngilone igama likaNkulunkulu wami.
10Ungahlebi inceku enkosini yayo,
funa ikuthuke, ube-necala.
11Kukhona isizukulwane esithuka uyise,
esingabusisi unina.
12Kukhona isizukulwane esimhlophe emehlweni aso,
esingahlanzwanga ensileni yaso.
13Kukhona isizukulwane — yeka ukuzidla kwaso!
Nezinkophe zaso ziphakanyisiwe.
14Kukhona isizukulwane esimazinyo aso ayizinkemba
namazinyo emihlathi angomese
bokuqeda abampofu emhlabeni,
nabaswelayo phakathi kwabantu.
15Umnyundu unamadodakazi amabili athi: Siphe, siphe.
Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi,
nezine ezingasho ukuthi: Kwanele:
16indawo yabafileyo, nesizalo esiyinyumba,
nomhlaba ongasuthi ngamanzi,
nomlilo ongasho ukuthi: Kwanele.
17Iso eliklolodela uyise
nelidelela ukulalela unina
liyakukhishwa ngamagwababa angasemfuleni,
lidliwe ngamazinyane okhozi.
18Kukhona izinto ezintathu ezingahlula ngokumangalisa,
yebo, ezine engingazaziyo:
19indlela yokhozi emoyeni,
nendlela yenyoka edwaleni,
nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle,
nendlela yendoda entombini.
20Inje indlela yowesifazane ophingayo:
uyadla, abesesula umlomo wakhe,
athi: Angenzanga isono.
21Phansi kwezinto ezintathu umhlaba uyazamazama,
yebo, phansi kwezine ongezithwale:
22phansi kwenceku ekubekweni kwayo inkosi,
nesiwula uma sisuthile ngokudla,
23naphansi kwesaliwakazi ekuganeni kwaso,
nencekukazi ekulidleni ifa lenkosikazi yayo.
24Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,
kepha zihlakaniphile kakhulu:
25izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,
kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;
26izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,
kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27izinkumbi azinankosi,
kanti ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,
kanti sisendlini yenkosi.
29Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,
yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30ingonyama, iqhawe ezilwaneni;
ayihlehli nakusiphi;
31nehashi lempi kanye nempongo,
nenkosi phambi kwempi yayo.
32Uma wenzile ubuwula ngokuziphakamisa,
wacabanga okubi,
beka isandla emlonyeni wakho.
33Ngokuba ukuphehla ubisi kuveza iphehlwa,
nokucindezelwa kwempumulo kuveza igazi;
kanjalo ukucindezela ulaka kuveza ukuxabana.