1Njengeqhwa ehlobo nemvula ngesikhathi sokuvuna,
kanjalo udumo alufanele isiwula.
2Njengomzwilili ekuhambeni kwawo nanjengenkonjane ekundizeni kwayo,
kanjalo isiqalekiso esingenasizathu asizi.
3Isiswebhu singesehashi, netomu lingelembongolo,
noswazi lungolomhlane weziwula.
4Ungasiphenduli isiwula njengobuwula baso,
funa ufane naso.
5Phendula isiwula njengobuwula baso,
funa sibe-ngohlakaniphileyo emehlweni aso.
6Othuma izwi ngesandla sesiwula
unquma izinyawo zakhe, uphuza ingozi.
7Imilenze yonyonga iyalengalenga;
zinjalo izaga emilonyeni yeziwula.
8Njengobopha itshe endwayimaneni,
unjalo onika isiwula udumo.
9Njengeva elingena esandleni sesidakwa,
sinjalo isaga emlonyeni weziwula.
10Ingqongqo yenza konke yodwa;
oqasha isiwula uqasha abadlulayo nje.
11Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo,
kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.
12Uyabona umuntu ohlakaniphile emehlweni akhe na?
Kukhona ithemba ngesiwula kunaye.
13Ivila lithi: Kukhona ingonyama endleleni
nebhubesi esigcawini.
14Isicabha siphenduka ngezingibe zaso,
nevila ecansini lalo.
15Ivila liyafaka isandla salo esitsheni;
kuyamkhathaza ukusibuyisela emlonyeni walo.
16Ivila lihlakaniphile emehlweni alo
kunabayisikhombisa abaphendula ngokuhlakanipha.
17Odlula nje ehlanganyela ukuxabana okungesikho okwakhe
unjengobamba inja ngezindlebe zayo.
18Njengohlanya oluphonsa izikhuni
nemicibisholo ebulalayo,
19unjalo umuntu okhohlisa umakhelwane wakhe,
ethi: Angithi ngintelile nje na?
20Ngokuphela kwezinkuni umlilo uyacimeka,
nalapho kungekho abancethezi, kuyabodla ukuxabana.
21Njengamalahle othuthwini nezinkuni emlilweni,
unjalo umuntu ophikisa ukuvusa inkani.
22Amazwi omncethezi anjengesibiliboco:
ayehlela kokuphakathi komuntu.
23Izindebe ezishisayo nenhliziyo embi
kunjengesitsha sebumba esinamekwé ngamanyela esiliva.
24Ozondayo uyazenzisa ngezindebe zakhe,
ubekelela inkohliso enhliziyweni yakhe.
25Lapho enza izwi lakhe libe-mnandi, ungakholwa nguye,
ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.
26Noma inzondo yakhe isibekelwa ngenzondo,
ububi bakhe buyakwambulwa ebandleni.
27Omba umgodi uyakuwela kuwo,
nogingqa itshe, liyakubuyela phezu kwakhe.
28Ulimi lwamanga luyazonda olubachobozileyo,
nomlomo othophayo usebenza incithakalo.