Ukunqunywa kwemikhawulo yezwe
1UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
2Yala abantwana bakwaIsrayeli, uthi kubo: Nxa nifika ezweni laseKhanani — lokhu kuyizwe eliyakuba-yifa lenu, izwe laseKhanani ngokwemikhawulo yalo —
3uhlangothi lwaseningizimu luyakusuka ehlane laseSini, lugudle elakwaEdomi, umkhawulo wenu waseningizimu usuke ekugcineni koLwandle lukaSawoti ngasempumalanga,
4umkhawulo wenu ujike ngaseningizimu kokhalo lweAkarabimi, uze ufike eSini, uphume eningizimu kwaseKadeshi-Barineya, uye eHasari-Adari, uze ufike eAsimoni,
5umkhawulo ujike ngaseAsimoni, uye emfuleni waseGibithe, uphume elwandle.
6Umkhawulo wasentshonalanga uyakuba-luLwandle oluKhulu, lona lube-ngumkhawulo wenu wasentshonalanga.
7Lokhu kuyakuba-ngumkhawulo wenu wasenyakatho: kusukela eLwandle oluKhulu anoziphawulela intaba yaseHori;
8kusukela entabeni yaseHori anoziphawulela indlela eya eHamati, umkhawulo uphume eSedadi,
9andukuba umkhawulo uye eZifroni, uphume eHasari-Enani; lokho kuyakuba-ngumkhawulo wenu wasenyakatho.
10Anoziphawulela umkhawulo wenu wasempumalanga, usukela eHasari-Enani uze ufike eShefamu;
11umkhawulo wehle eShefamu, uye eRibila ngasempumalanga kwaseAyini, umkhawulo wehle njalo, uze ufinyelele emmangweni wangaselwandle lwaseKinereti ngasempumalanga,
12umkhawulo wehlele eJordani, uphume ngaseLwandle lukaSawoti; lokho kuyakuba-yizwe lakini ngokwemikhawulo yalo nxazonke.
13UMose wayala abantwana bakwaIsrayeli, wathi: Lelo liyizwe eniyakulidla ngenkatho, uJehova ayalé ngalo ukuba linikwe izizwe eziyisishiyagalolunye nenxenye,
14ngokuba isizwe sabantwana bakwaRubeni njengezindlu zawoyise nesizwe sabantwana bakwaGadi njengezindlu zawoyise sezilitholile, nenxenye yesizwe sakwaManase isilitholile ifa layo;
15lezizizwe ezimbili nenxenye zathola ifa lazo ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga.
Ukukhethwa kwamadoda okwahlukanisa ifa lezwe
16UJehova wakhuluma kuMose, wathi:
17Lawa angamagama amadoda ayakwahlukanisela izwe libe-yifa lenu: uEleyazare umpristi noJoshuwa indodana kaNuni.
18Niyakuthabatha isikhulu sibe-sinye kuleso nalesosizwe ukwahlukanisa izwe libe-yifa lenu.
19Yilawa-ke amagama amadoda: esizweni sakwaJuda: nguKalebi indodana kaJefune.
20Esizweni sabantwana bakwaSimeyoni: nguShemuweli indodana ka-Amihudi.
21Esizweni sakwaBenjamini: nguElidadi indodana kaKisiloni.
22Esizweni sabantwana bakwaDani: yisikhulu uBuki indodana kaJogili.
23Kubantwana bakwaJosefa: esizweni sabantwana bakwaManase: yisikhulu uHaniyeli indodana kaEfodi.
24Esizweni sabantwana bakwaEfrayimi: yisikhulu uKemuweli indodana kaShifethani.
25Esizweni sabantwana bakwaZebuloni: yisikhulu uElisafani indodana kaParinaki.
26Esizweni sabantwana bakwaIsakare: yisikhulu uPalitiyeli indodana ka-Azani.
27Esizweni sabantwana bakwa-Asheri: yisikhulu uAhihudi indodana kaShelomi.
28Esizweni sabantwana bakwaNafetali: yisikhulu uPedaheli indodana ka-Amihudi.
29Yilabo uJehova abayala ukwahlukanisela abantwana bakwaIsrayeli ifa ezweni laseKhanani.