Ukukhonona kwabantu
1Inhlangano yonke yayisiphakamisa izwi layo, yakhala. Abantu bakhala izinyembezi ngalobobusuku.
2Bonke abantwana bakwaIsrayeli bakhonona ngoMose nangoAroni; yonke inhlangano yathi kubo: Sengathi nga safa ezweni laseGibithe, noma sengathi nga safa kulelihlane.
3UJehova usilethelani kulelizwe, siwe ngenkemba na? Omkethu nabancane bethu bayakuba-yimpango; bekungengcono yini kithi ukubuyela eGibithe na?
4Bathi omunye komunye: Masibeke induna, sibuyele eGibithe.
5Khona oMose noAroni bawa ngobuso babo phambi kwebandla lonke lenhlangano yabantwana bakwaIsrayeli.
6UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,
7bakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwaIsrayeli, bathi: Izwe esalidabula ukulihlola liyizwe elihle kakhulu.
8Uma uJehova esithanda, uyakusingenisa kulelozwe, asinike lona, izwe elivamé ubisi nezinyosi.
9Kodwa ningahlubuki kuJehova, futhi ningesabi abantu balelozwe; ngokuba bayisinkwa kithi; umthunzi wabo usukile phezu kwabo, kodwa uJehova unathi; ningabesabi.
10Kepha inhlangano yonke yathi mabakhandwe ngamatshe. Inkazimulo kaJehova yabonakala etendeni lokuhlangana kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli.
Intukuthelo kaJehova. Isijeziso sabakwaIsrayeli
11UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: Koze kube-nini lababantu bengidelela na? Koze kube-nini bengakholwa yimi ngezibonakaliso zonke engizenzile phakathi kwabo na?
12Ngiyakubashaya ngesifo, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.
13UMose wathi kuJehova: Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula lababantu ngamandla akho phakathi kwabo,
14babatshele abakhé kulelizwe; bezwile ukuthi wena-Jehova uphakathi kwalababantu, babonane nawe-Jehova ubuso nobuso; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.
15Manje-ke uma ubulala lababantu njengomuntu munye, izizwe ezizwé udumo lwakho ziyakukhuluma zithi:
16Ngokuba uJehova ebengenamandla okungenisa abantu bakhe ezweni alifungela kubo, ngalokho ubabulele ehlane.
17Kalokhu ake abe-makhulu amandla eNkosi njengokusho kwakho ukuthi:
18UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvamé umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube-sezizukulwaneni sesithathu nesesine.
19Ake uthethelele ububi balababantu ngokobukhulu bomusa wakho, njengalokho uyekele lababantu kusukela eGibithe kuze kube-manje.
20UJehova wathi: Yebo, ngiyathethelela njengezwi lakho;
21kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,
22lokhu bonke labobantu ababoné inkazimulo yami nezibonakaliso zami engazenza eGibithe nasehlane bengilingile kayishumi, abalalela izwi lami,
23abayikubona ngempela izwe engalifungela oyise, futhi aliyikubonwa-muntu walabo abangidelela;
24kepha inceku yami uKalebi, lokhu wayenomunye umoya, wangilandela ngokupheleleyo, yena ngiyakumngenisa ezweni aya kulo; inzalo yakhe iyakulidla.
25Ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini; jikani kusasa, ningene ehlane ngasendleleni eya eLwandle oluBomvu.
26UJehova wakhuluma kuMose nakuAroni, wathi:
27Koze kube-nini lenhlangano embi ikhonona ngami na? Ngizwile ukukhonona kwabantwana bakwaIsrayeli abakhonona ngakho ngami.
28Yisho kubo ukuthi: Kuphila kwami, ngiyakwenza kini impela njengalokho nikhulumile ezindlebeni zami:
29izidumbu zenu ziyakuwa kulelihlane, nabo bonke ababalwayo kini njengokomumo wenu wonke, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, abakhononile ngami,
30abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.
31Kepha abancane benu enasho ngabo ukuthi bayakuba-yimpango, bona ngiyakubangenisa, balazi izwe enalilahla.
32Nina-ke, izidumbu zenu ziyakuwa kulelihlane.
33Abantwana benu bayakuba-ngabelusi ehlane iminyaka engamashumi amane, bathwale ukuphinga kwenu, izidumbu zenu zize ziqedwe ehlane.
34Njengokomumo wezinsuku enahlola ngazo izwe, izinsuku ezingamashumi amane, umnyaka ngosuku, niyakuthwala ububi benu, yebo, iminyaka engamashumi amane, nize nazi ukuthi kunjani uma ngimelana nani.
35Mina-Jehova ngikhulumile; ngiyakwenza lokho ngempela kuyo yonke lenhlangano embi engihlanganyeleyo; kulelihlane bayakuqedwa, bafele khona.
36Nalawomadoda athunywa nguMose ukuhlola izwe, abuya akhononisa yonke inhlangano ngaye ngokuletha umbiko omubi ngezwe,
37wona lawomadoda aletha umbiko omubi ngezwe afa ngesifo phambi kukaJehova.
38Kepha uJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababenalawomadoda ukuhlola izwe basinda.
39UMose wakhuluma lawomazwi kubo bonke abantwana bakwaIsrayeli; abantu balila kakhulu.
40Bayuka ekuseni kakhulu, benyukela esiqongweni sentaba, bathi: Bhekani, sesilapha, kepha siyakuya endaweni ayithembisile uJehova, ngokuba sonile.
41UMose wathi: Neqelani izwi likaJehova na? Akuyikuphumelela.
42Ningenyuki, ngokuba uJehova akakho phakathi kwenu, ukuba ningashaywa ebusweni bezitha zenu.
43Ngokuba ama-Amaleki namaKhanani alapho ngaphambi kwenu; niyakuwa ngenkemba, lokhu nibuyele emuva ekumlandeleni uJehova; ngalokho uJehova akayikuba-khona phakathi kwenu.
44Ngokuzidla bakhuphukela nokho esiqongweni sentaba, kepha umphongolo wesivumelwano sikaJehova noMose akaphumanga ekamu*.
45Ayesehla ama-Amaleki kanye namaKhanani ayehlala kuleyontaba, abashaya, abaqothula kwaze kwaba-seHorma.