OMiriyamu noAroni bamelana noMose. UMiriyamu uyajeziswa
1OMiriyamu noAroni bakhuluma bemelene noMose ngenxa yowesifazane wakwaKushe amthathile; ngokuba wayethathile owesifazane wakwaKushe.
2Bathi: Imbala uJehova ukhulumile kuMose kuphela na? Akakhulumanga nakithi na? UJehova wakuzwa.
3Kodwa lowomuntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.
4UJehova wayesekhuluma ngokuzumayo kuMose nakuAroni nakuMiriyamu, wathi: Wozani nina nobathathu etendeni lokuhlangana. Baphuma bobathathu.
5UJehova wehla esensikeni yefu, wema ngasemnyango wetende, wabiza oAroni noMiriyamu; baphuma bobabili.
6Wayesethi: Yizwani manje amazwi ami: uma kukhona umprofethi phakathi kwenu, mina-Jehova ngiyakuzibonakalisa kuye ngombono, ngikhulume kuye ngephupho.
7Inceku yami uMose akanjalo; uthembekile endlini yami yonke;
8ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi-ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?
9Intukuthelo kaJehova yabavuthela; wayesemuka.
10Ifu lasuka phezu kwetende; bheka, uMiriyamu wayesenochoko, enjengeqhwa; uAroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.
11UAroni wathi kuMose: O nkosi, ake ungabeki isono phezu kwethu ngalokho esikwenzile ngobuwula, nangalokho esoné ngakho.
12Ake angabi-njengofileyo, onyama yakhe idliwe inxenye, nxa ephuma esizalweni sikanina.
13UMose wakhala kuJehova, wathi: O Nkulunkulu, mawumphulukise, ngiyakuncenga.
14UJehova wathi kuMose: Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebenamahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.
15UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.
16Ngasemuva abantu basuka eHaseroti, bamisa ehlane lasePharanu.