Ukubalwa kwabantu bakwaIsrayeli ehlane laseSinayi
1UJehova wakhuluma kuMose ehlane laseSinayi etendeni lokuhlangana ngolokuqala lwenyanga yesibili ngomnyaka wesibili emva kokuphuma kwabo eGibithe, wathi:
2Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwaIsrayeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;
3kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwaIsrayeli abangaphuma impi, wena noAroni anobabala ngamabandla abo.
4Kanye nani kuzakuba-khona indoda ibenye kuleso nalesosizwe, yileyo naleyo ibe-yinhloko yendlu kayise.
5Lawa angamagama amadoda ayakuma nani: kwaRubeni: uElisuri indodana kaShedewuri.
6KwaSimeyoni: uShelumiyeli indodana kaSurishadayi.
7KwaJuda: uNaheshoni indodana ka-Aminadaba.
8KwaIsakare: uNethaneli indodana kaSuwari.
9KwaZebuloni: uEliyabe indodana kaHeloni.
10Kubantwana bakwaJosefa: kwaEfrayimi: uElishama indodana ka-Amihudi; kwaManase: uGamaliyeli indodana kaPedasuri.
11KwaBenjamini: uAbidani indodana kaGideyoni.
12KwaDani: uAhiyezeri indodana ka-Amishadayi.
13Kwa-Asheri: uPagiyeli indodana kaOkirani.
14KwaGadi: uEliyasafa indodana kaDehuweli.
15KwaNafetali: uAhira indodana kaEnani.
16Yilabo ababebizwa enhlanganweni, izikhulu zezizwe zawoyise; babeyizinhloko zemizi yakwaIsrayeli.
17OMose noAroni base bethatha lawomadoda aseshiwo ngamagama.
18Babutha inhlangano yonke ngolokuqala lwenyanga yesibili, basho okhokho babo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezinhloko zabo.
19Njengalokho uJehova eyalile uMose, wababala kanjalo ehlane laseSinayi.
20Abantwana bakwaRubeni, izibulo likaIsrayeli, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
21labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaRubeni, babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nesithupha namakhulu ayisihlanu.
22Kubantwana bakwaSimeyoni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise, labo ababalwayo kubo njengokomumo wamagama, ngezinhloko zabo, bonke abesilisa kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
23labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaSimeyoni, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesishiyagalolunye namakhulu amathathu.
24Kubantwana bakwaGadi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
25labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaGadi, babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu.
26Kubantwana bakwaJuda, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
27labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaJuda, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.
28Kubantwana bakwaIsakare, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
29labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaIsakare, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nane namakhulu amane.
30Kubantwana bakwaZebuloni, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
31labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaZebuloni, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nesikhombisa namakhulu amane.
32Kubantwana bakwaJosefa, okungukuthi kubantwana bakwaEfrayimi, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili, bonke abangaphuma impi:
33labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaEfrayimi, babeyizinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.
34Kubantwana bakwaManase, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
35labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaManase, babeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu amabili.
36Kubantwana bakwaBenjamini, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
37labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaBenjamini, babeyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nanhlanu namakhulu amane.
38Kubantwana bakwaDani, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
39labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaDani, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nambili namakhulu ayisikhombisa.
40Kubantwana bakwa-Asheri, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
41labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwa-Asheri, babeyizinkulungwane ezingamashumi amane nanye namakhulu ayisihlanu.
42Kubantwana bakwaNafetali, izizukulwane zabo ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma impi:
43labo ababalwayo kubo, abesizwe sakwaNafetali, babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.
44Yilabo ababalwayo, ababalwa nguMose nanguAroni kanye nezikhulu zakwaIsrayeli, zingamadoda ayishumi nambili, kwaba-yileyo naleyo yamela indlu kayise.
45Bonke ababalwayo babantwana bakwaIsrayeli ngezindlu zawoyise kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwaIsrayeli abangaphuma impi,
46bonke ababalwayo babeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.
47Kepha amaLevi ngokwesizwe sawoyise awabalwanga phakathi kwabo.
48Ngokuba uJehova wakhuluma kuMose, wathi:
49Isizwe sakwaLevi kuphela awuyikusibala, ungabali umumo waso phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli,
50kepha beka amaLevi phezu kwetabernakele* lobufakazi, naphezu kwazo zonke izimpahla zalo, nakho konke okwalo; ayakuthwala itabernakele nayo yonke impahla yalo; ayakukhonza kulo, amise alihaqe.
51Ekusukeni kwetabernakele* amaLevi ayakulisusa, ekumisweni kwalo amaLevi alimise; umfokazi osondelayo uyakubulawa.
52Abantwana bakwaIsrayeli bayakumisa amatende abo, kube-yilowo nalowo ekamu* labo, yilowo nalowo ngasebhaneleni* labo, ngamabandla abo.
53Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho-lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwaIsrayeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.
54Abantwana bakwaIsrayeli benze njalo; benza kukho konke njengalokho uJehova emyalile uMose.