Izingange namasango aseJerusalema kuyalungiswa
1Kwasuka uEliyashibi umpristi omkhulu nabafowabo abapristi, balakha iSango leziMvu, balingcwelisa, bamisa izivalo zalo, yebo, kwaze kwaba-naseMbhoshongweni waseHameya ababewungcwelisa, kwaze kwaba-naseMbhoshongweni waseHananeli.
2Eceleni kwakhe kwakha abantu baseJeriko, naseceleni kwabo kwakha uZakuri indodana kaImri.
3ISango leziNhlanzi lakhiwa ngamadodana kaHasenawa; abeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
4Eceleni kwabo kwalungisa uMeremoti indodana kaUriya kaHakhosi. Eceleni kwabo kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya kaMeshezabeli. Eceleni kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaBahana.
5Eceleni kwabo kwalungisa abaseThekhowa, kepha abakhulu babo abafakanga izintamo zabo emsebenzini wenkosi yabo.
6ISango eliDala lalungiswa nguJoyada indodana kaPhaseya nanguMeshulamu indodana kaBesodeya, babeka imishayo yalo, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
7Eceleni kwabo kwalungisa uMelathiya waseGibeyoni noJadoni waseMeronoti, amadoda aseGibeyoni naseMispa, phansi kwesihlalo sombusi phesheya koMfula*.
8Eceleni kwabo kwalungisa u-Uziyeli indodana kaHarihaya wabakhandi begolide. Eceleni kwakhe kwalungisa uHananiya wabathaki. Baliyeka iJerusalema kwaze kwaba-soGangeni oluBanzi.
9Eceleni kwabo kwalungisa uRefaya indodana kaHure, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema.
10Eceleni kwakhe kwalungisa uJedaya indodana kaHarumafi malungana nendlu yakhe. Eceleni kwakhe kwalungisa uHathushi indodana kaHashabineya.
11UMalikhiya indodana kaHarimi noHashubi indodana kaPhahati-Mowabi balungisa elinye ibanga noMbhoshongo wamaZiko.
12Eceleni kwabo kwalungisa uShalumi indodana kaHaloheshi, umbusi wenxenye yesifunda saseJerusalema, yena namadodakazi akhe.
13ISango lesiGodi lalungiswa nguHanuni nabakhé eZanowa; balakha, bamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nezingalo eziyinkulungwane zogange kwaze kwaba-seSangweni loMquba.
14ISango loMquba lalungiswa nguMalikhiya indodana kaRekabi, umbusi wesifunda saseBeti-Hakeremi; walakha, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo.
15ISango loMthombo lalungiswa nguShaluni indodana kaKholi-Hoze, umbusi wesifunda saseMispa; walakha, walifulela, wamisa izivalo zalo nezihluthulelo zalo nemigoqo yalo, nogange lwaseChibini laseShela ngasensimini yenkosi, kwaze kwaba-sezikhwelweni ezehla emzini kaDavide.
16Emva kwakhe kwalungisa uNehemiya indodana ka-Azibuki, umbusi wenxenye yesifunda saseBeti-Suri, kwaze kwaba-sendaweni malungana namathuna kaDavide, nasechibini elimbiweyo, naseNdlini yamaQhawe.
17Emva kwakhe kwalungisa amaLevi, uRehumi indodana kaBani. Eceleni kwakhe kwalungisa uHashabiya, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila esifundeni sakhe.
18Emva kwakhe kwalungisa abafowabo, uBavayi indodana kaHenadadi, umbusi wenxenye yesifunda saseKeyila.
19Eceleni kwakhe kwalungisa uEzeri indodana kaJeshuwa, umbusi waseMispa, elinye ibanga malungana nommango oya endlini yezikhali eNqutshini.
20Emva kwakhe kwalungisa nokulungisa uBaruki indodana kaZabayi elinye ibanga, kusukela eNqutshini kuze kubesemnyango wendlu kaEliyashibi umpristi omkhulu.
21Emva kwakhe kwalungisa uMeremoti indodana kaUriya kaHakhosi elinye ibanga, kusukela emnyango wendlu kaEliyashibi kuze kube-sekugcineni kwendlu kaEliyashibi.
22Emva kwakhe kwalungisa abapristi, abantu basethafeni.
23Emva kwabo kwalungisa oBenjamini noHashubi malungana nendlu yabo. Emva kwabo kwalungisa uAzariya indodana kaMahaseya ka-Ananiya eceleni kwendlu yakhe.
24Emva kwakhe kwalungisa uBinuwi indodana kaHenadadi elinye ibanga, kusukela endlini ka-Azariya kuze kube-seNqutshini, kuze kube-naseGumbini.
25UPhalali indodana kaUzayi wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.
26AmaNethini* ayehlezi eOfeli kwaze kwaba-sendaweni malungana neSango laManzi ngasempumalanga nombhoshongo ophumeleleyo.
27Emva kwakhe kwalungisa abaseThekhowa elinye ibanga malungana nombhoshongo omkhulu ophumeleleyo kwaze kwaba-sogangeni lwaseOfeli.
28Phezu kweSango leHashi kwalungisa abapristi, kwaba-yilowo nalowo malungana nendlu yakhe.
29Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana kaImeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.
30Emva kwakhe kwalungisa uHananiya indodana kaShelemiya noHanuni indodana yesithupha kaSalafi elinye ibanga. Emva kwakhe kwalungisa uMeshulamu indodana kaBerekiya malungana nekamelo lakhe.
31Emva kwakhe kwalungisa uMalikhiya, omunye wabakhandi begolide, kwaze kwaba-sendlini yamaNethini* neyabathengi malungana neSango lokuBala, kwaze kwaba-nasekamelweni eliphezulu laseGumbini.
32Phakathi kwekamelo eliphezulu laseGumbini neSango leziMvu kwalungisa abakhandi begolide nabathengi.