AbaFarisi nababhali basolwa ngenxa yezimiso zabo
1Kwabuthana kuye abaFarisi nabanye bababhali bevela eJerusalema.
2Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe —
3ngokuba abaFarisi kanye nabaJuda bonke abadli bengahlambisisanga izandla, bebamba isiko labadala;
4nanxa bevela endalini, abadli bengakahlambi; kukhona nezinye izinto eziningi abazamukeleyo ukuba bazibambe, njengokuhlanza izinkezo, nezinkamba, nezitsha zethusi —
5abaFarisi nababhali bambuza bathi: Abafundi bakho abahambi ngani ngesiko labadala, kepha badla isinkwa ngezandla ezimbi na?
6Wayesethi kubo: UIsaya waprofetha kahle ngani nina-bazenzisi njengokulotshiweyo ukuthi:
Lesisizwe singidumisa ngezindebe zomlomo,
kepha inhliziyo yaso ikude nami;
7kodwa bangikhonza ngeze
befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.
8Niyeka umyalo kaNkulunkulu, nibambe isiko labantu.
9Wayesethi kubo: Yebo, nichitha umyalo kaNkulunkulu ukuba nigcine isiko lenu.
10Ngokuba uMose wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa;
11kepha nina nithi: Uma umuntu ethi kuyise noma kunina: YiKorbana, okungukuthi umnikelo, lokho ongabe usizwa yimi ngakho,
12anisamvumeli ukuba enzele uyise noma unina utho.
13Izwi likaNkulunkulu nilenza libeyize ngesiko lenu enilivezileyo; nokunye okuningi okunjalo niyakwenza.
14Khona wabuye wabiza isixuku, wahi kuso: Ngizweni nonke, niqonde.
15Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisa umuntu.
16Uma ekhona onezindlebe zokuzwa, makezwe.
17Kuthé esengené endlini, evela esixukwini, abafundi bakhe bambuza ngalowomfanekiso.
18Wayesethi kubo: Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?
19Ngokuba akungeni enhliziyweni yakhe, kodwa kungena esiswini, kuphumele ngaphandle, kuhlambulula ukudla konke.
20Wayesethi: Okuphumayo kumuntu yilokho okumngcolisa umuntu;
21ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yabantu kuphuma imicabango emibi, nobufebe, nokweba, nokubulala,
22nokuphinga, nokufisa, nokushinga, nenkohliso, nokungabi-nanhloni, neso elibi, nokuhlambalaza, nokuzidla, nobuwula.
23Zonke lezozinto ezimbi zivela ngaphakathi, zimngcolise umuntu.
Owesifazane waseSirofenike
24Wayesemuka lapho, waya emikhawulweni yaseTire. Wangena endlini, akathanda ukwaziwa-muntu, kodwa wayengenakufihlakala.
25Kwathi masinyane owesifazane ondodakazi yakhe encane inomoya ongcolileyo esezwile ngaye, weza waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe.
26Kepha owesifazane lo wayengumGreki engumSirofenike ngokuzalwa; wamnxusa ukuba akhiphe idemoni endodakazini yakhe.
27UJesu wayesethi kuye: Ake kusuthe abantwana kuqala, ngokuba akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.
28Kodwa waphendula, wathi kuye: Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka yabantwana phansi kwetafula.
29Wayesethi kuye: Ngenxa yalelozwi, hamba-ke; idemoni seliphumile endodakazini yakho.
30Wayesemuka, waya endlini yakhe, wafumana umntwana elele embhedeni, idemoni liphumile.
Isithulu esinamalimi siyaphiliswa
31UJesu waphuma futhi emikhawulweni yaseTire, wadabula iSidoni, weza ngaselwandle lwaseGalile edabula izwe laseDekapholi.
32Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla phezu kwaso.
33Wagudluka naso esixukwini bebodwa, wafaka iminwe yakhe ezindlebeni zaso, wafela amathe, waphatha ulimi lwaso,
34wabheka ngasezulwini, wabubula, wathi kuso: Efatha! okungukuthi: Vuleka!
35Zase zivuleka izindlebe zaso, wathukuluka masinyane umthambo wolimi lwaso, sakhuluma kahle.
36Wabayala ukuba bangatsheli-muntu. Kepha kwathi nakuba ebayala kakhulu, kwayikhona bekwandisa kakhulu impela.
37Bamangala nokumangala, bathi: Wenzé kahle konke; nezithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.